Izindaba

UMalema ubabaze intengo yembatha wayifanisa neyeLouis Vuitton

Sabelo Nsele|Published

Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema neSilo Misuzulu KaZwelithini ngesikhathi ehambele umgcagco waso KwaNongoma ngeSonto

Image: EFF

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ufanise intengo yembatha yemvunulo yesinti, neyeLouis Vuitton okuyigama lemikhiqizo ebizayo yaseParis, eFrance.

Ukhale ngalokho ehambele umgcagco weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo Myeni Zulu KwaKhangelamankengane, KwaNongoma, ngeSonto.

UMalema ubengesinye sezicukuthwane emgcagcweni weSilo.

UMnuz Julius Malema esefake imbatha elisha nomqhele akuthenge KwaNongoma

Image: Eff

Ufike ehlobe ngembatha ebelishayisa amakhala kwathiwa liwumbombayi.

Uthe kunomuntu omtshele emakhaleni ukuthi uhlobe nge-fake.

"Ngesikhathi ngifika lapha bengihambela phezulu, ngizitshela ukuthi ngifake imbatha langempela. Ngathumela uNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, ukuba ayongithengela ngoba ngizitshela ukuthi wazi kabanzi ngemvunulo. Kukhona indoda evele yangitshela ukuthi umbombayi lona engiwufakile. Inginikeze elangempela."

UMalema uthe inani lembatha lengwe limshiye ekhala ezithulisa.

"Bengizitshela ukuthi le ndoda inginika imbatha ngoba ingithanda, kanti angibuzanga elangeni. Le ndoda inginikeze umshini wokukhokha. Ngitshelwe ukuthi liwu-R35 000. Imbatha libiza lifana neLouis Vuitton! Kodwa ke into enhle leyo. Nathi okwethu kufanele kubize inani elifanayo nezimpahla zaphesheya zokugqoka."