Izindaba

I-ANC ichitha isicelo sikaMchunu sokushenxa

Sabelo Nsele|Published

Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC uMnuz Senzo Mchunu

Image: HENK KRUGER Independent Media

I-ANC inqabe isicelo sikaNgqongqoshe wezamaPhoyisa osolwa ngokusondelana nemigulukudu, uMnuz Senzo Mchunu, sokushenxa ezikhundleni anazo enhlanganweni. 

I-ANC ithe uMchunu usazoqhubeka nomsebenzi wakhe wangaphakathi enhlanganweni.

UMchunu uyilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, aphinde abe yilungu lekomiti elibhekelele ukusebenza kwansuku zonke enhlanganweni.

Igama likaMchunu liphezulu kwikhomishini kanye nasekomitini lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMchunu usolwa ngokusondelana nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Kunezinsolo zokuthi usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi 'Cat' Matlala, uxhasa umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC.

NgoLwesihlanu uMchunu uveze ukuthi wacela ukuthi ashenxe esikhundleni emva kokuba ehlangane nekomiti lezobuqotho kwi-ANC, i-intergrity commission, lapho achaza khona ngezinsolo abhekene nazo.

UMchunu uthe isicelo sakhe sachithwa yisigungu esiphezulu kwi-ANC.

Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uvumile ukuthi basichitha isicelo sikaMchunu sokushenxa.

UNkk Bhengu-Motsiri uthe uMchunu wenza isicelo sokuba ashenxe esikhundleni emva kokuba uMengameli, uCyril Ramaphosa, ememezele ukusungulwa kwekhomishini eholwa iJaji Mbuyiseli Madlanga.

"Esikuqaphelayo ukuthi uMchunu uyaqhubeka nokubambisana neKhomishini kaMadlanga kanye ne-intergrity commission. Indlela enza ngayo iyahambisana nemigomo ye-ANC yobuqotho kanye nokuhlonipha izinhlaka ezijutshwe ukuba ziphenye. Udaba lukaMchunu sakhuluma ngalo emhlanganweni wesigungu esiphezulu. Savumelana nokuthi aqhubeke nomsebenzi wakhe kwi-ANC yize esashenxile ekubeni ungqongqoshe."

UNkk Bhengu-Motsiri uthe ukungashenxi kukaMchunu akuphambene nomgomo othi abaholi abasolwa enkohlakalweni abashenxe ezikhundleni.

"Njengenhlangano ezibophezele ekuzakheni kabusha kanye nasebuholini obuqotho. Sinomgomo othi abaholi abathweswe amacala kufanele bashenxe ezikhundleni. Abaholi abathweswe amacala bazishenxela bona ezikhundleni, abaphoqwa. I-ANC kuphela enalo mgomo nokukhombisa ngokusobala ukuthi sizimisele kangakanani ukulwa nenkohlakalo."

UNkk Bhengu-Motsiri uthe kusengenzeka babuye bajike kulesi sinqumo, bayalele uMchunu ukuba ashenxe.

"Siyaqhubeka nokuqapha isimo sikaMchunu. Uma kukhona okusha, isigungu esiphezulu sizophinde futhi sibhunge ngodaba. Uma kukhona isidingo siyosibuyekeza isinqumo sethu."

Khonamanjalo, iKhomishini kaMadlanga kanye nekomiti lasePhalamende bazoqhubeka nokulalela ubufakazi.

Ikomiti lasePhalamende lizopheka ngemibuzo umqondisi wezokushushisa, u-Advocate Shamila Batohi, kusasa.