Izindaba

SIGOQA ISONTO: Uhlu losigaxamabhande abasebenzisana nemigulukudu

Sabelo Nsele|Published

U-LIEUTENANT General Shadrack Sibiya

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

ALISALANGA ngaphandle igama lePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, ohlwini lwamaphoyisa asolwa ngokusebenzisana nemigulukudu.

Igama likaSibiya livele ohlwini lwezikhulu zamaphoyisa amane asolwa ngokusebenza nezigebengu olunikezwe ikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Isikhulu sezinhloli esihola ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uLieutenant General Dumisani Khumalo, sidalule uhlu losondonzima emaphoyiseni esithe basebenzisana namaqembu emigulukudu.

UKhumalo uthe uSibiya, Major General Richard Shibiri, ohola ithimba eliphenya amacala ahleliwe, Captain Itumeleng Makgotloe noMkhuzi wamaPhoyisa esifundeni iSedibeng, uBrigadier Mbangwa Nkhwashu.

UKhumalo uthe udaba lwalezi zikhulu zamaphoyisa walubika kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngoJanuwari nonyaka.

UKhumalo uvezele ikhomishini ukuthi ubengasebenzisani kahle noSibiya, okwadala ukuthi izinhloli zingasebenzi kahle.

U-LIEUTENANT General Dumisani Khumalo

Image: Independent Media

UKhumalo uthe kwafinyelela kwangqingetshe ukuqashwa kwabantu ophikweni lwezinhloli ngenxa yokuthi babengavumelani benoSibiya ngokuqokwa kwabantu ababezokuba yingxenye yethimba elalizokwenzisa inhlolokhono labo abafuna ukuqashwa.

UKhumalo uveze ukuthi akazange athintwe ngaphambi kokuba uMchunu akhiphe umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba eliphenya ukubulawa kwamaphoyisa.

UKhumalo uthe umyalelo kaMchunu wanyomfa izinhlelo zokujabulela unyaka omusha.

"Umhla ka-1, usuku lapho khona abantu besuke bejabulela ukungena onyakeni omusha. Wonke umuntu usuke ejabule. Kwavele konakala yonke into kuthina ngesikhathi iqala isabalala ezinkundleni zikuxhumana incwadi ethi akuhlakazwe ithimba. Ucingo lwami lwalu lokhu lukhale njalo. Ngafonelwa abantu abangaphezu kuka-100. Bonke babebuza ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi selihlakaziwe ithimba? 

"Okubi ukuthi nami ngangingenazo izimpendulo. Abanye babekhala ngendlela okubekwe ngayo lapha encwadini. Ayibaphathanga kahle indaba yokuthi asisekho isidingo sethimba. Babebuza ukuthi ukuthi bengafike beshiye imindeni yabo iminyaka eyisithupha bezophenya amacala okubulawa kosopolitiki, bese ekugcineni betshelwa ukuthi asikho isidingo sethimba?"

UKhumalo uthe namanje akasiboni isidingo sokuthi kuhlakazwe ithimba, wathi lenza umsebenzi oncomekayo, waveza ukuthi abasoconga osopolitiki bajwayele ukusebenzisa izibhamu zomasipala nezezinkampani zonogada.

UKhumalo uthe komunye umasipala basifica isibhamu ababesifuna sesiqotshwe njengesinkwa ukuze bengeke bekwazi ukusihlola ukuthi siyathinteka yini esigamekweni sokubulala.