UGUGU Gumede esemkhulu nesithombe esenciphile emuva kweminyaka emibili
Image: FACEBOOK
UMLINGISI ozakhele udumo ngokudlala indawo yomphrofethi uMaMlambo kuZalo nekaConnie Zondo kwiSiphetho The Destiny, uGugu Gumede, ugeze abantu abaningi ubebebe eveza izinguquko emzimbeni wakhe.
UGugu (33) uqale waveza ukuthi wayengakanani ngesikhathi esakhuluphele. Uthe kwakusewusuku lwesibili eqale umkhankaso wokunciphisa umzimba ngenxa yokubona engaphephile. Ube eselandelisa nge-video yesibili esenciphile emzimbeni futhi esekhanya nangebala. Uthe isisindo sakhe sesehle ngo-53kg. Wasuka ekubeni isidudlamafehlefehle, waba yilambalidlile.
"Ngingasho ngaphandle kokunqikaza ukuthi lesi yisinqumo esizedlula zonke engake ngazithatha empilweni. Uma ucabanga ngegxathu ongalithatha kodwa wesaba noma umanqikanqika, xhumana nomtholampilo iHermes, bazokutotobisa. Qina isibindi, tshala kuwe bese uyazi ukuthi ngelinye ilanga uyovuna."
Kosaziwayo abashayele uGugu ihlombe ngale mpumelelo kubalwa umlingisi weThonga neDurban Gen, uNelisiwe Sibiya, Carol Bouwer noRosemary Zimu obedlala kwiMy Brother's Keeper.
Usomahlaya uThenjiwe Moseley uthe yisinqumo esihle kakhulu esathathwa wuGugu. "Uwumqemane, ujabule futhi akudikizi nenqulu kuwe."
UGash Ndlovu uthe muhle kakhulu uGugu futhi naye uwunciphisile umzimba ngoJanuwari nonyaka emuva kokufakwa ugqozi nofuqufuqu yimpumelelo kaGugu.
UGugu uthe okwamenza wasukumela isisindo somzimba wakhe kwaba ukubona abantu bakubo behamba emhlabeni ngenxa ye-hayihayi (High Blood Pressure) nokuthi wayengakhululekile ngendlela ayesebukeka ngayo.
UGugu, oyindodakazi yeNkosi uHulumeni Gumede nomsunguli weNFP, uZanele kaMagwaza Msibi, waqala ukwaziwa kuleli ngokulingisa indawo kaMandisa kwiGenerations ngo-2013. Le ntokazi esingumzalwane osindisiwe ibuye yalingisa indawo kaMaMkhize kwiHostela.
UGUGU Gumede usebaba kanje emuva kweminyaka emibili eqale umkhankaso wokwehlisa isisindo emzimbeni
Image: FACEBOOK
UGUGU Gumede usebaba kanje emuva kweminyaka emibili eqale umkhankaso wokwehlisa isisindo emzimbeni
Image: FACEBOOK
GUGU Gumede
Image: FACEBOOK
GUGU Gumede
Image: FACEBOOK
GUGU Gumede
Image: FACEBBOOK