uMkhonto weSizwe Party (MKP) umise iphini likamengameli uDkt John Hlophe.
Image: Sigciniwe
LIYAFILIZA ikusasa lomholi weMK ePhalamende, uDkt John Hlophe, omiselwe ukwenza izinguquko ebuholini beqembu ePhalamende.
Isikhuni sibuyele ngomkhwezeli kuHlophe ngesikhathi emiselwa ukudiliza uSotswebhu oMkhulu weqembu ePhalamende, uNkk Colleen Makhubele.
UNkk Makhubele ususwe esikhundleni ngoLwesibili, kwabe sekuqokwa uMnuz Des Van Rooyen ukuba abambe lesi sikhundla esishisayo.
Kushintshe ukudla epuletini ngoLwesithathu, ngesikhathi umholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, enquma ukumisa uHlophe.
UZuma uthe uHlophe, ophinde abe yiphini lomholi weMK, akabonisananga namuntu osebuholini beMK ngaphambi kokuthi athathe isinqumo sokudiliza uNkk Makhubele.
UNkk Makhubele udilizwe uZuma engekho kuleli eseBurkina Faso. Ekubuyeni kwakhe uZuma akazange esahlala ngisho phansi, uvele wabiza umhlangano wobuholi beMK ukuzobabaza eyokuxoshwa kukaNkk Makhubele.
Inhloko yehhovisi likaZuma, uMnuz Magasela Mzobe, ithe uZuma unqume ukumisa uHlophe kuzona zombili izikhundla.
"Uzomiswa kuze kube kuphothulwa uphenyo ngokuziphatha kwakhe. Inhloso lapha ukuthumela umyalezo oqinile. Amalungu eMK kufanele azi ukuthi akekho umholi onelungelo lokuzithathela izinqumo, kuyaboniswana. Ubuholi beMK bubumbene futhi buyayihlonipha imigomo yeqembu."
UMzobe uphinde waveza ukuhoxiswa kwesinqumo sokudilizwa kukaNkk Makhubele kanye nesokuqokwa kukaVan Rooyen.
Ayiqali ukumehlela uVan Rooyen lena yokuhlala esikhundleni isikhathi esincane .Ngesikhathi uZuma esewumengameli, wake wasuswa esikhundleni sokuba ungqongqoshe wezeziMali emva kwezinsuku ezine eqokiwe.
UNkk Makhubele wayekade eqokwe nguyena uHlophe ngoJuni. Ngesikhathi eqokwa uNkk Makhubele, uHlophe wathi kukhala isicathulo sakhe kwiMK ePhalamende.
UHlophe wathi nguyena othatha izinqumo, wathi uZuma uyamazisa nje uma esezithathile izinqumo.
Kumiswa uHlophe nje, bekuvele kunemibuzo ngekusasa lakhe kulandela ukuqokwa kukaMnuz Tony Yengeni, njengephini lesibili lomholi weMK. UYengeni uqokwe ngenyanga eyedlule, isikhundla aqokelwe kusona sisha kwiMK.
Ukuqokwa kwakhe kushiye abanye bezibuza ukuthi ngabe uHlophe usendleleni ephumayo yini kuleli qembu?
Related Topics: