Izindaba

UMbuso ushubisele inkosi ebhekene namacala okubulala

Sabelo Nsele|Published

INKOSI uSimphiwe Zuma, ibhekene namacala amathathu okubulala

Image: X

UMBUSO ushubisele inkosi ebhekene noxhaxha lwamacala okubulala, uSimphiwe Erick Zuma. 

UMbuso ufake isicelo sokuba kuhoxiswe ibheyili ka-R25 000 eyanikezwa uZuma ecaleni lokusoconga owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma. 

Lesi sicelo besilalelwe eNkantolo yeMantshi eHowick izolo. Umshushisi, uMnuz Zokwakha Nzama, uthe uZuma waphula imibandela yebheyili. UNzama uthe uZuma waxhumana izikhawu eziningi nofakazi woMbuso, uMnuz Khulekani Buthelezi. 

UNzama uthe ubufakazi bokuxhumana kukaZuma noButhelezi babuthola kumakhalekhukhwini owashaqwa kuZuma ngesikhathi esejele.

 

"Ngesikhathi uZuma esejele sathola ukuthi uneselula ayisebenzisayo. Sabikela izikhulu zejele. Ngesikhathi kupeqululwa ejele, watholakala ngempela umakhalekhukhwini. Ulwazi esaluthola kule selula lukhombisa ukuxhumana kukaZuma noButhelezi. Babexhumana kakhulu ngeWhatsApp. Uyiphulile imibandela yebheyili futhi naye akaphiki ukuthi waxhumana nofakazi woMbuso."

Ummeli kaZuma, u-Advocate Mduduzi Nkomo, uthe uZuma wayengazi ukuthi uButhelezi uwufakazi woMbuso. UNkomo uthe uZuma noButhelezi babengakhulumi ngezinto ezithinta icala.

"UButhelezi uyinduna, uphinde futhi agade ukusebenza kwamatekisi kaZuma. Izinto abasuke bezixoxa zithinta umkhandlu wenkosi kanye namatekisi. UButhelezi uyena owafonela kuqala uZuma. Uyena futhi owafika wazomvakashela ejele. Nalapha enkantolo uyafika ezokweseka uZuma. UButhelezi wathi akazi ukuthi yena uwufakazi woMbuso."

UNkomo usole uMbuso ngokubambelela ngezidindi, wawusola ngokucasulwa wukuthi uZuma wanikwa ibheyili.

"Emva kokuba enikwe ibheyili uMbuso wenza izinsolo zokuthi wagwazela imantshi. Kuze kube namhlanje ayikaze iboshwe imantshi eyamnika ibheyili, nomuntu okuthiwa wagwazela imantshi akakaze aboshwe. UMbuso waphinde wenza izinsolo zokuthi uZuma wazama ukwakha itulo lokusoconga umuntu. Namhlanje uMbuso awusasho lutho ngalokhu ngoba awunabo ubufakazi bento owawuyisho."

Isinqumo sizokhishwa ngoNovemba 20. UZuma uvele utholoza ezikhindini ngenxa yokuthi wanqatshelwa ibheyili ecaleni lokubulala owayeyikhansela leDA kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.

UZuma usafake isicelo lapho ephonsela khona inselelo ukunqatshelwa ibheyili.

Uphinde abhekane necala lokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba womasipala, uMnuz Xolani Ntombela/Ndlovu.