Nomzamo Myeni
Image: Independent Newspapers Archives
INGODUSO yeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uNksz Nomzamo Myeni, icele uZulu ukuba uphelele wonke uzozibonela kukhuphuka udwendwe lwayo neMbube.
UNksz Myeni uqinisekise ukuthi udwendwe luzosinela esigodlweni kwaKhangelamankengane, ngeSonto.
Kuke kwaba nokudideka njengoba ihhovisi leSilo belilokhu lithi alazi lutho ngomgcagco.
Isimemezelo somgcagco senziwa umkhongi omkhulu, uMntwana uGibizizwe Zulu, kepha okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, wathi akazi lutho ngodwendwe.
Izolo, uNksz Myeni uthe luzoqhubeka udwendwe njengoba kwamemezela uMntwana uGibizizwe.
Ukusho lokhu esitatimendeni esikhishwe inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iSizowakha okaZulu Foundation.
"Ngithi angichaze kancane nge-video kaMntwana uGibizizwe onguyise weNgonyama, noMntwana uMenzi, lapho bekhuluma khona ngodwendwe. Ngithi angikuqinisekise ukuthi uMntwana uGibizizwe wayegunyaziwe ukuba amemezele udwendwe. Lesi isimemo kuwo wonke uZulu ukuba uzozibonela umgcagco weSilo."
Kuzoqala kube nomkhehlo namhlanje, eJozini Stadium.
UNksz Myeni uthe kuzokube kukuhle kudelile kule micimbi.
"UZulu uyanxuswa ukuba uzozibonela lo mgcagco oyinqophamlando njengokwesimemezelo sikaMntwana uGibizizwe, owagunyazwa iNdlunkulu kaZulu ukuba enze isimemezelo."
Ihhovisi leSilo alikaze liwumemezele umgcagco.
Umgcagco kaNksz Myeni kwakufanele ube ngasekuqaleni kwalo nyaka kodwa wabuye wabhuntsha.
Ngesikhathi ubhuntsha kwavela incwadi eyayiyalela ukuba kuhoxiswe imihlumulo etholwa uNksz Myeni kuhulumeni.
UNksz Myeni ungowesithathu eSilweni, ababili abangaphambi kwakhe kabasinile.
IMbube iganwe uNkk Ntokozo Mayisela Zulu ozinze KwaNkomonye.
ISilo nokaMayisela babopha ifindo likasofa silahlane enkantolo ngo-2021, nokwalandelwa ukuthi bese iSilo sizishaye zonke siphinde simbese abesekhweni laso eNewcastle.
Kuze kube namhlanje uNdlunkulu uKaMayisela akakaze agcagce.
ISilo siganwe uNksz Nozizwe Mulela, oyisikhulu sebhange eSwatini.
UNksz Mulela ubekwe esigodlweni okuzalwa kuso iSilo, KwaKhangelamankengane. Yena walotsholwa ngo-2022, akakaze asine.
Emva kwaMaMyeni, kukhona uNksz Sihle Mdhluli wasesigodlweni eMashobeni. UNksz Mdhluli uzalwa ebukhosini bakwaNdwandwe, eMpumalanga.
IMbube yathumela abakhongi kuwo lo nyaka yaphinde yathembisa uNksz Mdhluli ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga waseSwatini.
Related Topics: