LIEUTENANT General Dumisani Khumalo
Image: Independent Media
INHLOKO yezobunhloli, uLieutenant General Dumisani Khumalo, idedele ezinye izigaxa ezishaqisayo ngePhini likaKhomishana wamaPhoyisa elisamisiwe elisolwa ngokusebenzisana nemigulukudu, uLieutenant General Shadrack Sibiya.
UKhumalo uveze ukuthi uSibiya uhamba ngemoto kamashiyakukhalwa oseziqedile izimoto zabantu eThekwini.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UKhumalo utshele iKhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga ukuthi uSibiya akahambi ngemoto ayinikwa ngamaphoyisa kodwa uhamba ngemoto yomuntu owalahlwa uxhaxha lwamacala.
UKhumalo uthe uSibiya unokubonakala ehamba ngemoto yomqaphi wakhe, uStuart James Scharnick, wathi uScharnick lona unoxhaxha lwamacala, iningi lamacala wawenza KwaZulu-Natal.
"Sithe uma sibheka ukuthi ekabani le moto ajwayele ukuhamba uSibiya sathola ukuthi ekaJames. UJames lona unamacala awu-34. Awu-18 amlahla, awu-11 ahoxiswa, kwathi kwamahlanu watholwa engenacala."
UKhumalo uthe basazoke babheke ukuthi uScharnick ikhona yini iminyaka ayidonse ejele njengoba enamacala angaka amlahlile, wathi uScharnick ndini lo ubukeka eyisethenjwa sikaSibiya njengoba ayemqaphile namhla eyovela phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile eliphenya izinsolo ezifanayo.
UKhumalo uphinde waveza ukuthi elinye iphoyisa elisondelene noSibiya laya emzini kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Katiso "KT" Molefe, laphuma seliphethe uplastiki okungaqondakali ukuthi wawunani, wathi iphoyisa elisondelene noSibiya, uSergeant Nkosi, laya emzini kaMolefe kusele izinsuku eziyishumi aboshelwe icala lokubulala unjiniyela, uMnuz Armand Swart.
UKhumalo uthe uNkosi wayehamba ngemoto yamaphoyisa ebhaliswe ngaphansi kwehhovisi likaSibiya. Uveze i-video (CCTV) ekhombisa uNkosi esemzini kaMolefe.
"Njengoba sibona lapha engena, kuyabonakala ukuthi akaphethe lutho. Uma esephuma ubonakala ephethe uplastiki omhlophe esandleni sakhe. Akucaci ukuthi yini lena ephakathi kodwa yona ibukeka ilula."
UKhumalo uthe uNkosi usondelene kakhulu noSibiya, wathi lokhu kuxhumanisa uSibiya namaqembu emigulukudu.
UKhumalo uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.
Khonamanjalo: Liqhubekile ikomiti lasePhalamende elikhethekile eliphenya izinsolo ezifanayo nokulalela ubufakazi.
Izolo, bekuvele iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uDkt Polly Boshielo.
UDkt Boshielo utshele amalungu ekomiti ukuthi akazange aziswe ngokuhlakazwa kwethimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal (iPKTT).
"Nami le nto ngayibona ezinkundleni zokuxhumana."
Umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba wakhishwa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.
Ikomiti lizoqhubeka nokulalela ubufakazi namhlanje.
Related Topics: