Izindaba

Isiphepho sishiye kukhalwa eJozini

Nokubongwa Phenyane|Updated

KUSALE kukhalwa eJozini, ngemuva kokuhlasela kwemvula ebihambisana nomoya edilize imizi eminingi kwalimala nengqalasizinda

Image: Facebook

UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, usenxuse abantu baseJozini ukuthi basuke ezindaweni ezingaholela ekutheni babe sebungozini yokudilikelwa yizakhiwo ezisesimweni esingesihle.

Lokhu kulandela imvula ebihambisana nesiphepho esihlasele kule ndawo ngempelasonto.

UButhelezi uveze ukuthi imvula ebihambisana nomoya, zidale umonakalo kwalimala ingqalasizinda nemizi ezindaweni ezehlukene.

"Kubikwa ukuthi ezindaweni eziningi izigxobo zikagesi zilele phansi, nokuletha ingozi enkulu emphakathini. Izigxobo ezisiza ekudonseni i-network kumaselula nazo kubikwa ukuthi zilimale kabi futhi iningi labantu abatholakali, kunzima ukuthi kube khona ukuxhumana okujwayelekile. Okwamanje abahola ithimba lezinhlekelele basemphakathini ukubheka ukuthi isimo sibi kangakanani. Okusijabulisayo ukuthi kuze kube yimanje ayikho imibiko ethi kukhona abadlulile emhlabeni futhi nosizo abaludingayo lusendleleni," kuchaza uButhelezi.

Uthe umnyango usebenzisana nomasipala nakule ndawo, inkampani kagesi i-Eskom nezinye izinhlaka ukubuyisela isimo kwesijwayelekile.

"Isimo sezulu esihlasela manje siyasikhathaza kakhulu kodwa njengohulumeni sizibophezele  ekutheni sisheshe sisisukumele isimo esifana nalesi sokunika uxhaso emphakathini elahlekelwe. Ukubhekelela ukuphepha nokuhlala kahle kwabantu yikhona esikubeka eqhulwini, siyabonga kuwona wonke amathimba ethu asebenza ngokuzimisela. Sinxusa ukuthi imiphakathi ihlale iphephile ikakhulukazi ezintweni ezithinta ugesi, ingalinge isondele eduzane kwazo, izibike eziphathimandleni ezibhekele leyo ngqalasizinda," kuchaza uButhelezi. 

Abezimo eziphuthumayo bakwaSouth African Weather Service - ngasekupheleni kwesonto eledlule - bakhiphe izexwayiso ngesimo sezulu esingesihle. Kuthiwe isishingishane sizogasela ezindaweni ezihlukene enhla kwesifundazwe.

Izindawo okukhona kuzo uNongoma, Vryheid naseNquthu - kule mpelasonto - bezihlaselwe imvula enamandla ebihambisana namakhaza.