Thulasizwe Buthelezi,
Image: KZN Cooperative Governance and Traditional Affairs
AWASANCENGENE amaqembu abusa ngokubambisana kuhulumeni waKwaZulu-Natal njengoba esenqumelene ugwayi katiki.
Amaqembu abusa ngokubambisana asabisa ngokuhoxa kuhulumeni wesifundazwe uma kungaxoshwa abaholi abathize.
Isolezwe lithole ukuthi umdonsiswano okhona ungase udlule noMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
I-ANC ifuna ephumile uButhelezi kulesi sikhundla, Isolezwe lithole ukuthi i-IFP ihlela ukumkhipha uButhelezi esikhundleni esinomsindo.
Umthombo utshele Isolezwe ukuthi isikhundla sikaButhelezi sizothathwa uMphathiswa wezeMidlalo, amaSiko namaCiko, uMnuz Mntomuhle Khawula.
UButhelezi kuthiwa uzonikezwa umnyango ophethwe uKhawula.
Kodwa-ke okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, ucashunwe yi-IOL echitha izindaba zokuthi kungase kushintshwe iKhabhinethi eKZN.
Uthe: "Alikho nelincane iqiniso ngokuthi i-IFP izokwenza izinguquko kwiKhabhinethi. Akukho shintsho."
Sekunesikhathi eside i-ANC ihlaba ikhwelo lokuba kuxoshwe uButhelezi ikhala ngokuthi uqinisa isandla komasipala abaphethwe iyona.
Isimo sishube kakhulu emva kokukhishwa kobuholi be-ANC kuMasipala uMkhanyakude, kwafakwa ubuholi be-IFP.
Umthombo uthe uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, uzomgudluza uButhelezi ngenxa yokuthi uzama ukugcina uhulumeni wesifundazwe ubumbene.
UNtuli uhlezi ngesinqa esisodwa esikhundleni njengoba kunesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe esifakwe yiMK.
Okhulumela uhulumeni wesifundazwe, uMnuz Bongani Gina, uzilandulile izinguquko okukhulunywa ngazo.
"Okwamanje ngeke sayiqinisekisa imibiko ethi kuzoba noguquko kubaphathiswa bakulesi sifundazwe. Uma kukhona uguquko olungaba khona siyomemezela kwabezindaba nasemphakathini, okwamanje kusahamba kahle kakhulu ukusebenza kukandunankulu nabaphathiswa bakhe bonke."
Iqembu elingababeki benkosi kuhulumeni wesifundazwe, iNFP, liyaqhubeka nalo ukuncikiselela amaqembu elibambisene nawo.
Leli qembu elinesihlalo esisodwa esiShayamthetho, lifuna ukuthi i-IFP ne-ANC baxoshe abaholi elithi kalisabuthembi ubuholi babo.
I-NFP ifuna i-IFP ixoshe uNtuli, bese ukuthi i-ANC yona ixoshe uMphathiswa wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane noMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka.
UNksz Simelane noHlomuka bake balandelwa yizinsolo zenkohlakalo kepha umbiko wophenyo olwenziwa uNtuli wabakhipha phambili.
UMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, usabise ngokuthi bazophuma kuhulumeni wokubambisana uma kungaxoshwa laba baholi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoMgqibelo.
UBarnes uthe abasabuthembi ubuholi bukaNtuli, waveza nokuthi kunezingxoxo abazibamba neMK.
I-NFP ihlukene phakathi ngokuhoxa kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Kukhona amalungu eqembu angafuni nokuyizwa eyokuthi iqembu lihoxe kuhulumeni wesifundazwe.
Related Topics: