Izindaba

Ibambene ngezihluthu ehhovisi leSilo

Sabelo Nsele|Published

UMNTWANA uThulani kaGqikazi

Image: FACEBOOK/THULANI ZULU

KUBI ehhovisi leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, njengoba lithumele imiyalezo eshayisanayo ngenkulumo yeMbube okuthiwa izokuba namhlanje esigodlweni KwaKhangelamankengane.

Umabhalane ehhovisi leSilo, uMnuz Arnold Ndamase, ukhiphe umyalezo othi iMbube izokwethula umyalezo ewubhekise esizweni.

Emva kwamahora, okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, uthumele umyalezo othi ihoxisiwe inkulumo yeSilo. Ngokuhamba kesikhathi, kubuye kwangena othi kungamampunge ukuthi ihoxisiwe inkulumo yeSilo.

Kwenzeka konke lokhu nje, kunamahlebezi okuthi uMntwana uThulani usexoshiwe esikhundleni nakuba kungekho isimemezelo esisemthethweni esenziwe.

Imibiko yokuxoshwa kukaMntwana uThulani iqale ukusabalala ngeledlule, iMbube yaze yaphawula ngala mahlebezi. Ngesikhathi iMbube iphawula ngamahlebezi ikhombise ukuthi ngeke imxoshe uMntwana uThulani.

Khonamanjalo: Ayaqhubeka amalungiselelo omgcagco weSilo noNksz Nomzamo Myeni.

Ngokwesimemo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, udwedwe lweMbube luzokhuphuka ngeSonto.

INdlunkulu kaZulu ibingakalumemezeli ngokusemthethweni udwendwe kodwa omunye walabo abaluhlelayo uthe ayaqhubeka amalungiselelo.

Isimemo siveza ukuthi udwendwe luzokuba sesigodlweni KwaKhangelamankengane, siphinde siveze ukuthi kuzoqala kube nomkhehlo ngoLwesihlanu, eJozini Stadium.

Omunye wabantu ababhalwe esimemweni sodwendwe uthe bayaqhubeka nokuthatha uhlu lwezimenywa.

Uyalele Isolezwe ukuba lixhumane nabaseNdlunkulu kaZulu uma lifuna ukuthola ngamalungiselelo.

"Thina kasigunyaziwe ukukhuluma nezintatheli, abaNtwana yibona abanelungelo lokukhuluma nezintatheli."

UMntwana uThulani uthe ubengakezwa lutho ngalo mgcagco.

UMaMyeni ungowesithathu eSilweni, iMbube yambeka esigodlweni eMachobeni, eNgwavuma. Udwendwe kwakufanele lukhuphuke ngoJanuwari, kodwa lwabuye lwahlehla. Kwaba nesidididi ngesikhathi kuhlehla udwendwe njengoba kwaphuma nencwadi eyayiyalela ukuba kuhoxiswe nemihlomulo etholwa uMaMyeni.

IMbube iganwe nguNdlunkulu Ntokozo Mayisela Zulu, ozinze KwaNkomonye. ISilo noNdlunkulu uKaMayisela babopha ifindo likasofa silahlane enkantolo ngo-2021, nokwalandelwa ukuthi bese iSilo sizishaye zonke siphinde simbese abesekhweni laso eNewcastle.

Kuze kube namhlanje uNdlunkulu uKaMayisela akakaze agcagce. Umendo wakhe usuke wabhekana nezivunguvungu njengoba ngasekuqaleni konyaka iMbube yafaka isicelo sokwehlukanisa.

Emaphepheni asenkantolo, iMbube yathi umshado wayo naye angeke usalungiseka. Nokho iMbube yagcina isihoxisa isicelo sayo.

Kunengoduso yeSilo uNksz Nozizwe Mulela, oyisikhulu sebhange eSwatini.

UKaMulela ubekwe esigodlweni okuzalwa kuso iSilo KwaKhangelamankengane, kanti walotsholwa ngo-2022, kodwa akakaze asine. Uke wanyamalala engabonakali emikhosini yaseNdlunkulu kwaze kwanemibiko ethi ucu alusahlangani.

Ngasekuqaleni konyaka wakhipha isitatimende lapho ayesho khona ukuthi akakawushiyi umendo. Muva nje, useyabonakala emikhosini yaseNdlunkulu.

Kunengoduso uNksz Sihle Mdhluli wasesigodlweni eMashobeni, ezalwa ebukhosini bakwaNdwandwe, eMpumalanga. Kulezi zinsuku uyena obonakala kakhulu eseduze kweSilo emikhosini yaseNdlunkulu.

Noma iSilo siya phesheya, sijwayele ukuhamba naye. IMbube yathumela abakhongi ngasekuqaleni kwalo nyaka, yathembisa ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga waseSwatini wakulo nyaka.