UNDLUNKULU uNtokozo Mayisela Zulu
Image: SIGCINIWE
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sinoNdlunkulu waso uSIhle Mdhluli
Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA
INDLUNKULU kaZulu ithi ayikakhulunywa eyemigcagco yeSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Yize iMbube inondlunkulu abane abalotsholiwe, bonke abakaze bagcagce.
IMbube yaqala ukulobola ngo-2021 kodwa kuze kube namhlanje akekho undlunkulu osesinile.
Ngasekuqaleni konyaka luke lwakhonjwa eduze udwendwe lweSilo nomunye wondlunkulu kodwa lwagcina lungakhuphukanga.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe ayikakhulunywa eyemigcagco.
"Angifuni nokuthi ngize ngithi ngiyaqala ngiyakuphendula ngoba le nto asikaze siyikhulume nokuyikhuluma. Noma kungathiwa kukhona induku efihlwe emqubeni, ngabe leyo nduku ifihlelwa ngisho nathi balapha ekhaya?"
IMbube iganwe nguNdlunkulu Ntokozo Mayisela Zulu, ozinze kwaNkomonye.
ISilo noNdlunkulu ukaMayisela babopha ifindo likasofa silahlane enkantolo ngo-2021, nokwalandelwa wukuthi iSilo sizishaye zonke siphinde sembese abesekhweni laso eNewcastle.
Kuze kube namhlanje uNdlunkulu ukaMayisela akakaze agcagce.
Umendo kaNdlunkulu uke wabhekana nezivunguvungu njengoba ngasekuqaleni konyaka iMbube yafaka isicelo sokwehlukanisa.
Emaphepheni asenkantolo, iMbube yathi umshado wayo noNdlunkulu ngeke usalungiseka.
Nokho iMbube yagcina isihoxisa isicelo sayo.
UNdlunkulu weSilo wesibili nguNozizwe Mulela, oyisikhulu sebhange eSwatini.
UNdlunkulu Mulela ubekwe esigodlweni okuzalwa kuso iSilo, kwaKhangelamankengane.
UNdlunkulu Mulela walotsholwa ngo-2022, akakaze asine.
Uke wanyamalala engabonakali emikhosini yaseNdlunkulu kwaze kwaba nemibiko ethi ucu alusahlangani.
Ngasekuqaleni konyaka wakhipha isitatimende lapho ayesho khona ukuthi akakawushiyi umendo, mumva nje useyabonakala emikhosini yaseNdlunkulu.
UNdlunkulu wesithathu weSilo uNomzamo Myeni, wasesigodlweni eMachobeni.
IMbube yacela isihlobo esihle kwaMyeni, eJozini, ngo-2024.
Ngasekuqaleni konyaka kwabikwa ukuthi iMbube izokuya kokwembesa ekhweni layo, bese ziyawushaya.
Kwase kubekwe ngisho usuku kodwa lwabuye lwabhuntsha udwendwe.
Kuze kube namhlanje akukacaci ukuthi luzokuba nini udwendwe lukaNdlunkulu.
UNdlunkulu weSilo wesine uSihle Mdhluli wasesigodlweni eMashobeni.
UNdlunkulu uzalwa ebukhosini bakwaNdwandwe, eMpumalanga.
Kulezi zinsuku uyena uNdlunkulu obonakala kakhulu eseduze kweSilo emikhosini yaseNdlunkulu.
Noma iSilo siya phesheya sijwayele ukuhamba naye.
IMbube yathumela abakhongi ngasekuqaleni kwalo nyaka, yathembisa uNdlunkulu ngesikhathi kunoMkhosi woMhlanga waseSwatini.
UNDLUNKULU uNomzamo Myeni
Image: FACEBOOK
Related Topics: