Izindaba

UMatlala ubexhasa umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC: ufakazi

Sabelo Nsele|Published

Vusimuzi 'CAT' Matlala.

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

IKHOMISHINI ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, izwe ukuthi usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, ubexhasa ngemali umkhankaso wokuhola i-ANC kaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

IKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga izwe nokuthi uMatlala ubelinikeza izigidi zamaRandi iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa elisolwa ngokusebenza nemigulukudu, uLieutenant General Shadrack Sibiya.

Iphoyisa elabopha uMatlala litshele ikhomishini ukuthi uMatlala wabatshela ukuthi usondelene nabantu abasezikhundleni eziphezulu.

Iphoyisa igama lalo eligodliwe lidlale inkulumo eqoshiwe, lapho bekhuluma khona noMatlala.

Le nkulumo yaqoshwa ngesikhathi uMatlala eboshelwa icala lokuzama ukubulala umlingisi owayeyisinqandamathe sakhe, uTebogo Thobejane.

Iphoyisa lithe uMatlala wawatshela ukuthi uxhasa umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC, lathi uMatlala wathi imali ubeyinikeza usomabhizinisi uMchunu othi uyiqabane lakhe, uMnuz Brown Mogotsi.

"Wasitshela ukuthi imali ayeseyifake emkhankasweni kaMchunu ilinganiselwa ku-R500 000. Wasitshela ukuthi wakhokhela izindleko zabantu abasondelene noMchunu zokuya emcimbini wokugubha usuku okwasungulwa ngalo i-ANC, iJanuwari 8."

Ufakazi uthe uMatlala wabatshela ukuthi wayengakholwa ukuthi uzophumelela umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC.

"Wathi kuthina wayenqena nje ukumtshela uMchunu ukuthi ngeke uphumelele umkhankaso wakhe."

Ufakazi uthe uMatlala wayemdinelwe uMchunu, Sibiya noMogotsi ebasola ngokuhluleka ukumvikela.

Ufakazi uthe uMatlala wakhala ngokuthi uMchunu, Sibiya noMogotsi abamvikeli emaphoyiseni yize ebaxhasa ngemali.

"Okwakumkhalisa kakhulu ukuhoxiswa kwethenda yakhe emaphoyiseni. Wayesabasi ngokuthi ufuna ukuya enkantolo eyombula uMchunu izinqe."

Ufakazi uthe uMatlala wabatshela ukuthi ubenikeza uSibiya u-R500 000.

Ufakazi uthe uMatlala wabatshela ukuthi uSibiya wazicelela ukuba amnikeze imali emva kokushona kukasomatekisi owayesatshiswa okwenyoka, uMswazi Msibi.

"USibiya wazicelela ukuthi kube imina engimunakekelayo njengoba kwase kushone uMsibi. Wayengafuni ukuthi imali ngimfakele ebhange, wayeyifuna esandleni."

Uthe uMatlala wabatshela ukuthi enye imali wathengela ngayo uSibiya indawo eqashisa 

Ufakazi uthe uMatlala wabatshela ukuthi wayephuma ukuyobonana nowayengukhomishana wamaphoyisa, uNkk Riah Phiyega, ngesikhathi eboshwa.

Akachazanga ukuthi yini ayekade eyoyixoxa noNkk Phiyega. Ikhomishini izoqhubeka ngoMsombuluko.