Izindaba

ISilo sinesilonda esingapholile 'ngamanga' aqanjelwa indlovukazi

Sabelo Nsele|Published

ISilo uMisuzulu kaZwelithini

Image: Independent Newspapers Archive

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi asikaxoli 'ngokuqanjelwa amanga' kweNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, ngesikhathi kuqhubeka icala elithinta umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu.

IMbube ithe nakuba isikudlulisile okombango wesihlalo, ithe asikapholi isilonda esadaleka ngokuqanjelwa kwendlovukazi amanga ngesikhathi kuqulwa icala.

Ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma emhlanganweni wokubuyisana obusesigodlweni eMashobeni, izolo.

Umhlangano ububizelwe ukuzokwazisa iNdlunkulu kaZulu nesizwe ngesinqumo senkantolo esivuna ukuqokwa kweSilo.

Ekuqaleni kwenyanga, iNkantolo yamaCala aDlulisiwe yanquma ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, walandela yonke imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kweSilo.

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMntwana uSimakade kaZwelithini waveza ukuthi wafakwa esiswini sendlovukazi, wathi ukufakwa esiswini seNdlovukazi kumenza afanelwe ukuhlala eSihlalweni sobuKhosi bukaZulu.

ISilo sibabaze ibhadi, sathi asikaze siyizwe ndawo le nto eyashiwo uMntwana uSimakade.

"Kubuhlungu ngoba umama ongizalayo, osazithulela, ku0qanjwe amanga amakhulu ngaye esezithulele, esedlinzeni lapho elele khona. Yake yenzeka kanjani into enjalo? Uma ubheka  kukhulunywa lapha enkantolo abameli babaNtwana, bebethi kuyalingwana. Yeyi lam MaKomanisi? Uyabona nje ukuthi bese kuphonswa nje amagabade. Ngiyakuxolela konke okwenzekile kodwa lokhu obekubhekiswe endlovukazini, isazilalela, angikuxoleli ngingakatholi isiphetho sakho. Ngiyafisa ukwazi inhloso. Niyamazi obesho lokho, ngeke ngimusho."

INkosi uBiyela, ithe badidekile labo abaphikisa ukuqokwa kweSilo.

"Asijiki, simile lapha. Khula Silo ube ngamagquma nezintaba zakho. Silo esikhulu akukho okungangawe lapha. Kubuhlungu njengoba bengekho abanye. Kubuhlungu ngoba abekho lana nje yingoba badidwa isibusiso sokuthi ngesikhathi beza lapha emhlabeni, beza kukhona uNomthebe wesizwe. Yayikhona inkosi eyayibusa. Uma kukhona othunyiwe lana ukuthi akezokuzwa ukuthi kuthiwani, akahambe ebatshele ukuthi badukile. Akofike abatshele ukuthi balahlekile."