Vusimuzi 'Cat' Matlala
Image: Itumeleng English / Independent Newspapers
ZITHINTEKA kwinqwaba yamacala okubulala izibhamu eziyamaniswa nosomabhizinisi, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala noMnuz Katiso "KT" Molefe.
Izibhamu ezimbili ezithinteka emacaleni okuboshwe kuwo uMatlala noMolefe zithinteka emacaleni angaphezu kuka-30 okukhona kuwo namacala okubulala.
Lokhu kuvele embikweni owethulwe umphathi wesikhungo esihlola izibhamu namagobolondo ezinhlamvu athinteka emacaleni, uBrigadier Mishack Mkhabela.
UMkhabela ubethula ubufakazi phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMkhabela utshele iKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga ukuthi lezi zibhamu ezimbili zithinteka emacaleni okubulawa kwabantu abadumile uDJ Sumbody noDJ Vintos.
Ziphinde zithinteke nasecaleni lokuzama ukubulala umlingisi owayeyisinqandamathe sikaMatlala, uTeboho Thobejane.
UMkhabela uthe isibhamu sokuqala siyamaniswa namacala angaphezu kuka-20.
"Lesi sibhamu sithinteka emacaleni angu-27. Isibhamu sesibili yi-AK 47, sona sithinteka emacaleni ayisishiyagalombili."
Lezi zibhamu zatholwa amaphoyisa ayephenya ukubulawa kukanjiniyela, uMnuz Armand Swart.
Kuthiwa uSwart wabulawa ngabantu ababesola ukuthi uveza inkohlakalo eyayenzeka eTransnet.
Kuthiwa inkohlakalo yayithinta inkampani kaMolefe.
UMkhabela uveze ukuthi izibhamu eziningi namagobolondo ezinhlamvu kuduvile esikhungweni ngenxa yokushoda kwabasebenzi nezinsiza, wathi ukushaya ngolonwabu kokuhlolwa kwezibhamu namagobolondo ezinhlamvu kubambezela ukuqulwa kwamacala.
"Njengoba ngikhuluma nawe nje kunamacala angaphezu kuka-41 000 alinde imiphumela yokuhlolwa kwezibhamu namagobolondo ezinhlamvu. Amacala akulo nyaka alinde imiphumela angu-10 643. Amacala ayahlehliswa ezinkantolo ngenxa yokuthi kulindwe imiphumela. Abaphenyi bamacala bayasikhalela. Kwesinye isikhathi nathi size sibizwe ezinkantolo ukuba sizochaza ukuthi yini ebambezele ukulethwa kwemiphumela yokuhlolwa kwezibhamu?"
Ikhomishini izoqhubeka nokulalela ubufakazi namhlanje.
Ikomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezifanayo lona lizopheka ngemibuzo iPhini likaNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Cassel Mathale.
Khonamanjalo: UMatlala usazoqhubeka nokubhadla ejele.
INkantolo eNkulu eGoli ichithe isicelo sikaMatlala lapho ebefuna khona ukudedelwa ngebheyili.
UMatlala wanikela eNkantolo eNkulu eGoli emva kokuba iNkantolo yeMantshi e-Alexandra yamnqabela ibheyili.
UMatlala ubhekene noxhaxha lwamacala okukhona kuwo nelokuzama ukubulala umlingisi owayeyisinqandamathe sakhe, uTeboho.
Imantshi eyayichithe isicelo sebheyili sikaMatlala yakhala ngokuthi maningi amathuba okuthi abalekele icala uma ededelwa ngenxa yokuthi unomazisi-mbumbulu waseSwatini.
IJaji uPieter du Plessis, nalo livumelane nokwashiwo yimantshi.
"Nami angikwazi ukufinyelela esinqumweni esihlukile lapho ngoba kusobala ukuthi umsolwa engakwazi ukubalekela icala."
Related Topics: