Izindaba

Amaphoyisa atshelwa ukuthi uMolefe uwumngani kaMchunu

Sabelo Nsele|Published

Senzo Mchunu

Image: Henk Kruger / Independent Media

AMAPHOYISA ayebopha usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Katiso "KT" Molefe, atshelwa ukuthi lo somabhizinisi ungumngani kaNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

Lokhu kuvezwe elinye lamaphoyisa abopha uMolefe, uCaptain Maxwell Wanda.

UWanda uthe umqaphi kaMolefe wabatshela ukuthi lo somabhizinisi ushomene noMchunu.

Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UWanda uyingxenye yethimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

Wayeyingxenye yamaphoyisa abopha uMolefe ecaleni lokubulawa kukanjiniyela, uMnuz Armand Swart.

"Wabuza (umqaphi) ukuthi sizokwenzanjani ngoba lo muntu ungumngani kangqongqoshe. Ngabuza ukuthi yimuphi lowo ngqongqoshe awumngani naye? Waphendula wathi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa. Ngabe sengibuza ukuthi usho uMchunu yini, wathi yebo."

UWanda uthe emva kwalokho, wabe esechazela umqaphi ngohlelo oluyaye lulandelwe uma kuboshwa umuntu.

Katiso 'KT' Molefe

Image: Simon Majadibodu / IOL

UWanda uthe amaphoyisa angaphansi kophiko loKlebe azama ukuphazamisa ukuboshwa kukaMolefe, wathi afika emzini kaMolefe, abahlohla imibuzo.

"Bafika beyimpi, besihlohla ngemibuzo. Ngakuthatha njengokugxambukela le nto ababeyenza. Akufanele amaphoyisa aphazanyiswe uma enza umsebenzi wawo. Leli yicala elikhulu kakhulu uma ubheka izinsolo ezibhekene nomsolwa. Yingakho kwangidumaza ukugxambukela kwabanye abantu."

Iphoyisa eliyilungu loKlebe, uCaptain Barry Kruger, likuchithile ukuthi bazama ukugxambukela ekuboshweni kukaMolefe.

UKruger uthe baphuthuma emzini kaMolefe emva kokuba betshelwe ukuthi kunabantu abazenza oKlebe abazama ukubopha uMolefe.

"Kwasiphoqa ukuthi siphuthume khona ukuze sizoqinisekisa ukuthi ngabe laba bantu bangamalungu oKlebe ngempela yini. Sasingeke singayisukumeli le nto ngoba kuyenzeka ukuthi abantu babanjwe inkunzi yizigebengu ezizenza amaphoyisa."

UKruger ubuzwe ukuthi kungani bengacelanga amaphoyisa asesiteshini esiseduze nomuzi kaMolefe ukuba ayobheka ukuthi ngabe laba bantu abasemzini kaMolefe bangamaphoyisa angempela yini?

UKruger uphendule ngokuthi sasikhona isidingo sokuthi nabo njengoKlebe baye kozibonela.

Ubuzwe ukuthi kungani bengahambanga ngokushesha emzini kaMolefe emva kokuba sebetholile ukuthi amaphoyisa angempela futhi konke ayekwenza kwakusemthethweni?

"Noma sasesitholile ukuthi amaphoyisa angempela kodwa kuningi okwakusafanele sikuqinisekise. Kwakungelula ukuthi sivele sishiye."