Jacob Zuma
Image: MK Party / Facebook
OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz Jacob Zuma, ukhalima labo asebeqale umkhankaso wokumqoqela imali yokukhokha isikweletu sezigidi zamarandi.
UZuma unxuse labo abahambe bemshayela indesheni ukuba babambe amatomu njengoba engakanqumi ukuthi uzosikhokha yini isikweletu sika-R28.9 million sezindleko zabameli ababemumela oxhaxheni lwamacala abhekana nawo ngesikhathi esengumengameli.
Ukusho lokhu esitatimendeni esikhishweni inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation.
Ngeledlule, uZuma uhlangabezane nembibizane emva kokuba iNkantolo eNkulu ePitoli imyalele ukuba akhokhe lesi samba semali.
Icala lafakwa iHhovisi likaMengameli likhala ngokuthi uMbuso kwakungafanele ukuba ukhokhele izindleko zabameli kaZuma emacaleni abhekana nawo ngesikhathi esengumengameli okubalwa kuwo necala lenkohlakalo elithinta ithenda yokuthengwa kwezikhali.
Inkantolo inqumele uZuma izinsuku ezingu-60 ukuba akhokhe lesi sikweletu, yanikeza uMbuso igunya lokudla impahla yakhe uma ehluleka ukuhlangabezana nalo mnqamulajuqu.
Phakathi kwempahla kaZuma engadliwa uma engakhokhi, kubalwa nemali yakhe yempesheni.
Lesi simo senze ukuthi kube khona abashayela uZuma indesheni ezinkundleni zokuxhumana.
Okhulumela iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe abagunyaziwe laba bantu abahambe becelela uZuma imali.
"Siyibonile imibhalo esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho khona abantu becelela uZuma imali yezindleko zabameli. Nakuba laba abenza njalo benezinhloso ezinhle zokwelekelela, sithi asisho ukuthi abagunyaziwe yinhlangano ukuba behambe becela imali."
UManyi uthe uZuma ubengakanqumi ukuthi uzoyikhokha yini le mali.
"Njengoba sasishilo ukuthi sisaxoxa nabameli. Sizokwenza isimemezelo uma sesiqedile ukuxoxa nabameli. Yilapho siyomemezela khona izinyathelo esizozithatha."
UManyi unxuse abantu ukuba bangayikhokhi imali abacelwa ukuba bayikhiphe.
"Sinxusa abantu ukuthi balinde isimemezelo esisemthethweni esizokwenziwa yinhlangano kaZuma emva kokuphothula izingxoxo nabameli. Sithanda nokuxwayisa abantu ukuba bapheze ukusebenzisa uphawu lwenhlangano kaZuma ngaphandle kwemvume. Ukwenza lokhu kwenza ukuthi abantu badideke."
Maningi amathuba okuthi uZuma asidlulisele phambili isinqumo sangeledlule njengoba evamisile ukwenza uma elahlwe yicala.
Onke amacala aseke alahla uZuma uwaphonsela inselelo aze ayofika eNkantolo yoMthethosisekelo, okuyiyo ethathatha isinqumo esiwujuqu.
Related Topics: