Senzo Mchunu
Image: Henk Kruger/Independent Media
UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, uthi ngeke buphinde bufane ubudlelwano bakhe nosomabhizinisi osolwa ngokuhamba emshayela indesheni ezigebengwini, uMnuz Brown Mogotsi.
UMchunu uthe izinto ezishiwo ngoMogotsi zenza ukuthi ambuke ngenye indlela. Ukusho lokhu ngesikhathi eqhubeka nokuphendula imibuzo yamalungu ekomiti lasePhalamende elikhethekile eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
UMogotsi usolwa ngokucela imali kusomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
Enye imali eyayicelwa uMogotsi kusolwa ukuthi yayisetshenziselwa ukuxhasa umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC.
UMchunu wachaza uMogotsi njengeqabane lakhe. Igama likaMogotsi liphinde livele nakwiKhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, ephenya izinsolo ezifanayo.
USotswebhu omkhulu ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe uMogotsi ungene wathi shi kulezi zinsolo ezenze ukuthi kusungulwe ikomiti lasePhalamende. Ube esebuza uMchunu zonke lezi zinto ezishiwo nguMogotsi ukuthi zizoshintsha ubudlelwano abanabo kanjani?
UMchunu uthe buzoshintsha impela ubudlelwano babo.
"Izoshintsha indlela engimbheka ngayo. Bengimbona njengamanye amalungu e-ANC. Ngesikhathi ngizwa kuthiwa buphelile ubulungu bakhe kwi-ANC, angizange ngimbuze. Njengoba kuvela zonke lezi zinto manje kwiKhomishini kaMadlanga, buzoshintsha ubudlelwano bethu."
UMchunu uthe wake wezwa ukuthi uMogotsi uhambe ecela imali ngegama lakhe.
"Ngasekuqaleni kwalo nyaka, ngake ngatshelwa ukuthi uhambe esebenzisa igama lami kodwa waphika ngesikhathi ngimbuza."
UMchunu uthe akekho umuntu ake amthuma ukuba ayomcelela imali, waphika nokuthi uMatlala uxhasa ngemali umkhankaso wakhe wokuhola i-ANC, waphika nokuthi usondelene nezigebengu ezishushumbisa izidakamizwa.
UMchunu uthe akazisoli ngokukhipha umayalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, wathi uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, wayevumelana nesinqumo sokuhlakazwa kwethimba.
"UMasemola wangijikela endleleni. Waqale wavumelana nokuhlakazwa kwethimba. Wayeze eqhamuke impela namaqhinga okuthi sizolihlakaza kanjani ithimba. Waqala ukushintsha ngoMashi. UMkhwanazi yena wayengafuni nokuyizwa eyokuhlakazwa kwethimba."
UMchunu uthe ubemethemba kakhulu uMasemola.
"Bengihlezi ngimtshela ukuthi ngisabuthemba ubuholi bakhe. Bengimtshela ukuthi ukushintsha kukangqongqoshe akusho ukuthi sekufanele kushintshwe nokhomishana wamaphoyisa. Angazi nokuthi siphela nini isikhathi sakhe."
UMchunu wenqabile ukuphendula umbuzo wokuthi akasiboni yini isidingo sokuthi ehle esikhundleni.
UMchunu uthe akazelanga ukuzophendula ngalokho.
Kuke kwaphakama imimoya ngesikhathi kususana umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, nelungu le-MK.
UMalema noNomvalo bajikijelane ngamazwi kwaba ncane indawo. Umsindo ususwe ukuthi uMalema usole ilungu le-MK, uMnuz David Skosana, ngokuhema. UNomvalo uthe ngeke batshelwe umuntu ovuza amafinyila.
Bekungekhona okokuqala behilizisana emhlanganweni wekomiti.
Namhlanje kulindeleke ukuthi kuvele owayengungqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, phambi kwekomiti.
Related Topics: