Izindaba

Uthwale kanzima uMchunu ePhalamende

Sabelo Nsele|Published

SENZO MCHUNU

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

BAMVALELE ekhoneni waze waxolisa uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Amalungu ekomiti apheke uMchunu ngebhodwe elincane ngesikhathi enikwa ithuba lokuba abuze imibuzo.

UMchunu ugcine esexolisa emva kokuba ecindezelwe ngokuletha umbiko ongesilo iqiniso othi kwabulawa owayengusomlomo komunye umasipala osesifundazweni i-Eastern Cape.

Umbiko olethwe uMchunu ubhalwe inhlangano iGlobal Initiative.

Lo mbiko uveza ukuthi kwabulawa owayengusomlomo kuMasipala wase-OR Tambo, uMnuz Xolile Nkompela, ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.

Ilungu le-ANC, uNkk Thokozile Sokhanyile, bekuthi alimqede uMchunu ngesikhathi limtshela ukuthi uNkompela usadla anhlamvana.

"Lo mbiko ukhuluma ngamakhansela abulawa ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021. Umbiko uthi elinye lamakhansela elabulawa ngo-2021, uXolile Nkompela. Umbiko uthi wadutshulwa wabulawa ebuya ukuyokhankasela i-ANC kuTsolo. UNkompela ngiyamazi, ngasebenza naye. Ngangiyimeya yena engusomlomo. Namanje usadla enhlamvana. Angazi ukuthi uzothini yena uNkompela uma ebona lo mbiko."

UMchunu uthe umbiko ubhalwe abameli bakhe kodwa lokho akuzange kumenelise uNkk Sokhanyile, oyalele uMchunu ukuba axolise kuNkompela nasemndenini wakhe.

Usihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uyalele uMchunu ukuba angaviki ngabameli bakhe.

UMchunu ugcine ehlela ngezansi.

"Ngiyavuma ukuthi kunephutha kulo mbiko weGlobal Initiative. Ngiyaxolisa kuyena nasemndenini wakhe."

Elinye ilungu le-ANC, uMnuz Xola Nqola, libuze uMchunu ngenkulumo eqoshiwe athi kuzwakala kuyo uMkhwanazi emsongela.

UMchunu wayekade eyalelwe ukuba abuya nale ngxenye yenkulumo kodwa ugcine ehlulekile ukuyithola.

Lokhu kucasule ilungu le-EFF, uMnuz Julius Malema, elithe ukungafiki kukaMchunu nenkulumo kusho ukuthi wayesenga ezimithiyo uma ethi wasongelwa uMkhwanazi.

"UMchunu wasitshela ukuthi kunenkulumo lapho khona esongelwa. Samcela ukuthi alethe le nkulumo ngoba besifuna ukuyizwa. Manje kusho ukuthi ayikho le ngxoxo."

Ohola ofakazi, u-Advocate Norman Arendse, ubuze uMchunu ngobudlelwano bakhe nosomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.

UMchunu uyamphika uMatlala kepha u-Arendse uthe kunofakazi ozovela phambi kwesigcawu ozochaza ngobudlelwano bukaMchunu noMatlala.

"Ufakazi uzofike aveze ukuthi uyazana noMatlala. Ufakazi uzoveza ukuthi uMatlala ukunika imali futhi uxhasa umkhankaso wakho wokuhola i-ANC."

UMchunu uthe akazi ngisho isenti likaMatlala.

UMchunu ufike nencwadi efungelwe kaMatlala eqinisekisa ukuthi abazani.

U-Arendse ubuze ukuthi besikuphi isidingo sokuthi uMchunu athumele abameli bakhe ukuba bayofuna incwadi efungelwe kumuntu athi akamazi.

UMchunu uthe abameli bakhe bazithathele bona isinqumo sokuyofuna incwadi efungelwe kuMatlala.

UMchunu uzoqhubeka nokuphendula imibuzo yamalungu ePhalamende namhlanje.