Izindaba

Kuvele eyobudlelwano bukaMalema noSibiya kwekaMadlanga

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Julius Malema okuvele igama lakhe kwiKhomishni kaMadlanga

Image: Isithombe: Armand Hough / Independent Newspapers

SELIMBULE ingubo langena kumholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, okuvele igama lakhe kwiKhomishini kaMadlanga ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wezamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

IKhomishini yeJaji uMbuyiseli Madlanga izwe ukuthi uMalema uwubhululu wePhini likaKhomishana wamaPhoyisa elisolwa ngokusebenza nemiguluku, uLieutenant General Shadrack Sibiya.

Lokhu kuvele izolo, ngesikhathi kufakaza elinye lamaphoyisa avusa inyamazane ngezinsolo zokusebenzisana kwezigebengu namaphoyisa nosopolitiki.

Iphoyisa igama lalo eligodliwe lithe latshelwa umphathi wabaphenyi eGauteng, uMajor General Richard Shibiri, ukuthi uMalema uzwana noSibiya.

Uthe ingxoxo yaqala emva kokungena kwegama lomlisa okuthiwa uMnuz Zee Nxumalo, okuthiwa uwumngani kaMalema.

"UShibiri, wangitshela ukuthi enye insizwa yomZulu ende, uZee Nxumalo ingumngani omkhulu kaMalema, wathi uMalema yena uwumngani noGeneral Sibiya."

Ufakazi akazange anabe ngobudlelwano bukaMalema noSibiya.

Okuqaphelekayo ukuthi uMalema akazange alubhade ePhalamende ngesikhathi uSibiya ayevele phambi kwekomiti elikhethekile eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi.

UMalema uyingxenye yekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo zikaMkhwanazi.

USibiya wavela phambi kwekomiti izinsuku ezimbili, uMalema akazange afike kuzona zombili lezi zinsuku, wabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ngeke abe bikho ePhalamende kodwa akangazibeka izizathu zokungafiki kwakhe.

Ufakazi uphinde waveza ukuthi uSibiya wayehlezi ebabuza ngokuqhubeka kophenyo ecaleni likasomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala okukhona kuwo nawokubulala, uMnuz Katiso "KT" Molefe.

Ufakazi uthe batshelwa ukuthi uMolefe usondelene nezikhulu eziphezulu emaphoyiseni.

UMolefe waboshelwa icala lokusoconga unjiniyela okusolwa ukuthi wayeveza inkohlakalo eyayenzeka eTransnet, uMnuz Armand Swart.

Inkampani kaMolefe yayithola amathenda kwaTransnet. UMolefe wagcina eseyamaniswa namanye amacala, njengamanje ungaphandle ngebheyili.

Ufakazi uveze ukuthi uMolefe wagwaza ukuze athole ibheyili. Uphinde waveza ukuthi izikhulu zamaphoyisa zazama ukuphazamisa uphenyo ecaleni likaMolefe.

Ikhomishini izoqhubeka namhlanje.