Izindaba

Isexwayiso esishubile kwabaphikisa ukuqokwa kweSilo

Sabelo Nsele|Published

UMNTWANA uThulani kaGqikazi, okhulumela iSilo

Image: FACEBOOK/THULANI ZULU

OKHULUMELA iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMntwana uThulani Zulu, uthi kuzokuba nzima ukubuyisana eNdlunkulu kaZulu uma abeseka uMntwana uSimakade kaZwelithini embangweni wesihlalo bengase baphonsele inselelo isinqumo esivuna ukuqokwa kweSilo.

UMntwana uThulani uthe nakuba abeseka uMntwana uSimakade benelungelo elikuMthethosisekelo lokudlulisa icala, kodwa kuyofana nokuthi baziphonse eweni abeseka uMntwana uSimakade uma begcine besiphonsela inselelo isinqumo seNkantolo yamaCala aDlulisiwe.

Ubephawula emva kokuba abeseka uMntwana uSimakade bethe abasamukeli isinqumo seNkantolo yamaCala aDlulisiwe esithi uMengameli Cyril Ramaphosa, walandela yonke imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kweSilo.

Abeseka uMntwana uSimakade bathe basaxoxa nabameli babo, bathi kungenzeka baludlulisele phambili udaba.

UMntwana uThulani uthe lesi bekuyisikhathi sokuthi iNdlunkulu yamukele isinqumo senkantolo, bese kuba nokubuyisana.

"Asinanxa nokuthi abaNtwana badlulise isinqumo senkantolo, ngoba njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika banelungelo lokwenza lokho. Siyazi ukuthi ikhona iNkantolo yoMthethosisekelo okuyiyona ekhipha isinqumo esiwumnqamulajuqu. Kepha besingazitsheli ukuthi abaNtwana bangaze baye lapho ngoba lokho kusho ukuthi umbango wabo usungaphezu nje kombango wesihlalo owejwayelekile. Umbango wesihlalo awuqali, siyazi sonke. Inkantolo yokugcina isiyokwenza ukuthi kube nzima ukubuyisana."

UMntwana uThulani uthe ukungamukeli kwabaphikisa ukuqokwa kweSilo akusho uqhekeko eNdlunkulu njengoba ethe bancane abangafuni ukwamukela ukuqokwa kweSilo.

"Sonke siyazi ukuthi abaNtwana abangakanani. Empeleni abaNtwana  abasembangweni kakhulu bane nje ebaNtwaneni bakaBhusha (iSilo uCyprian Bhekuzulu kaSolomon), kanti kwabona futhi ababoni ngaso linye. Manje ngiyadabuka ngoba abaNtwana bebengaba yisisekelo esihle sobukhosi njengoba bezalwa vele yisihlalo. Kodwa-ke uma beziqhelisa ngibona ukuthi baya esiweni esijulile, okuyishwa ngoba emva kokuhluleka kwabo eNkantolo yoMthethosisekelo akusezukuba lula ukubuyisana."

UMntwana uThulani uthe abaphikisa ukuqokwa kweSilo ngeke baziqhathanise neNdlulamithi yamakhosi.

"Ngeke nje abaNtwana ngobuncane babo, nokungangeni kwabo esizweni babize imbizo enkulu, evulelekile engangalena emenyezelwa yiSilo uMisuzulu yango-Okthoba 29. Abanawo amandla okwenza lokho futhi mhlawumbe sebezamile, bahluleka. Asikho nesisodwa isigodlo abangabizela kuso imbizo ngoba phela zonke izigodlo ezenkosana, okuyiSilo uMisuzulu kaZwelithini."

UMntwana uThulani uthe bayazama ukuxhumana nabaphikisa ukuqokwa kweSilo.

"Noma sebebikele isizwe ukuthi abamukeli, ngingasho nje ukuthi izandla zeNdlulamithi neNdlunkulu zisavulekile bengakaziphonsi abaNtwana eweni elijulile. Isenzo sabo sisho ukuthi bayaziqhelisa ekuhlanganeni neNdlunkulu."