Izindaba

Ayesatshiswa amaphoyisa avusa inyamazane kwelikaMatlala noMolefe

Sabelo Nsele|Published

Katiso "KT" Molefe

Image: Simon Majadibodu / IOL

ANUNUSELWA ngemali amaphoyisa angabavusi benyamazane ekuboshweni kosomabhizinisi abasolwa ngokuba yingxenye yeqembu lemigulukudu, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala, noMnuz Katiso "KT" Molefe.

Iphoyisa elaliphenya icala eladonsela uMatlala noMolefe amanzi ngomsele liveze ukuthi kwaba nemizamo yokubagwazela ukuze bayeke uphenyo. Likusho lokhu ngesikhathi lithula ubufakazi kwikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Iphoyisa igama lalo eligodliwe, lichaze kabanzi ngobunzima ababhekana nabo ngesikhathi bephenya icala elagcina libaholela kuMatlala noMolefe.

Iphoyisa lithe icala ababeliphenya elokubulawa kukanjiniyela okwakusolwa ukuthi wabhobosa ithumba ngenkohlakalo eyayenzeka eTransnet, uMnuz Armand Swart.

Uphenyo lokubulawa kukaSwart lwaholela ekuboshweni kwephoyisa, uDetective Michael Pule Tau, noMnuz Musa Kekana.

Emva kwabo kwabuye kwaboshwa uMolefe.

Ufakazi uthe babizelwa ehhotela eliphambili eliseGoli lapho bafike bathenjiswa imali.

Vusimuzi 'CAT' Matlala.

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

Ufakazi uthe le mali bayithenjiswa wuMajor General Richard Shibiri, ophethe abaphenyi eGauteng.

"Wathi kithina kukhona izimvilophu ezintathu esingazithola uma siqhamuka neqhinga lokuthi abasolwa banikezwe ibheyili. Noma engazange alimise ngesihloko kodwa sabona ukuthi ukhuluma ngemali uma ethi kunezimvilophu esizozithola. Wayengafuni ukuba siqhubeke nophenyo. Wasitshela ukuthi abasolwa bayingozi, baxhumene nomuntu onesikhundla esiphezulu koKlebe."

Ufakazi wenkantolo uthe kwaba nemizamo eminingi yokuphazamisa uphenyo olwaholela ekuboshweni kwalaba.

"Sathola izinsongo nokwaholela ekutheni abanye abaphenyi begcine behoxa ecaleni. Sasikade sibahlanu ngesikhathi siqala uphenyo kodwa sagcina sisala siba babili."

Ufakazi uthe uMolefe noTau bagwazela izimantshi ukuze bathole ibheyili.

Ufakazi uthe watshelwa wumuntu osondelene noMolefe, uMnuz Vusi Ndala, ukuthi uTau uzodedelwa ngebheyili.

"Isicelo sebheyili kaTau sokuqala sachithwa. Wafaka isicelo sesibili lapho ayesekhala ngokuthi uphethwe wushukela, wathi isimo sakhe sidinga ukuthi alashwe esibhedlela esingaphandle kwejele. UNdala wangitshela ukuthi uTau uzonikezwa ibheyili, ngamphikisa ngoba ngangazi ukuthi sinobufakazi obuqinile.

"UNdala wangitshela ukuthi uTau uzophuma ngoba ukhiphe intshontsho. Wangitshela ukuthi uma enganikwa ibheyili uzokweqa, uma kuhlula lokho uzobulala abantu abaphenya icala. Inkantolo yagcina idedela uTau ngebheyili."

Ufakazi uzoqhubeka nomhlanje.