UMENGAMELI Cyril Ramaphosa
Image: SIGINIWE
KUMFANELE uMengameli, Cyril Ramaphosa, abizwe ukuba azochaza akwaziyo phambi kwekhomishini ephenya izinsolo zokugxambukela kosopolitiki emsebenzini wamaphoyisa, kanye nasekomitini lasePhalamende elikhethekile eliphenya izinsolo ezifanayo.
Ukukhuluma kulokhu kumzungeze njalo uRamaphosa kwikhomishini kaMadlanga kanye nasekomitini lasePhalamende njengoba kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi.
Ofakazi basho izinto ezahlukene, nokusishiya nemibuzo. Kungcono naye uRamaphosa anikwe ithuba lokuzikhulumela, angakhulunyelwa.
Phakathi kwezinto okusobala ukuthi uRamaphosa kufanele aphumele obala kuzo wukuthi ngabe wavuma yini ukuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Kuhle ukuba uRamaphosa azikhulumele yena ngoba ofakazi basho izinto ezahlukene.
Ubufakazi bukaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, buveza ukuthi uRamaphosa wavuma ukuthi lihlakazwe ithimba.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, watshela ikhomishini kaMadlanga nekomiti lasePhalamende ukuthi ngesikhathi ebikela uRamaphosa ngomyalelo kaMchunu wokuba kuhlakazwe ithimba, uRamaphosa waqale wakhombisa ukungahambisani nokuthi kuhlakazwe ithimba.
UMasemola wathi uRamaphosa wathembisa ukuthi uzokhuluma noMchunu ngalolu daba.
Eqhubeka nokulandisa, uMasemola wathi uRamaphosa wabuye wamazisa ukuthi sebexoxile noMchunu kodwa wangasho ukuthi bavumelane ngokuthini.
Ngapha uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unenkolelo yokuthi uRamaphosa akazange avume ukuthi kuhlakazwe ithimba.
UMkhwanazi wathi uRamaphosa wawuncoma umsebenzi wethimba ngesikhathi ebuzwa abezindaba ngasekuqaleni kwalo nyaka emva kokuba uMchunu ekhiphe umyalelo wokuba lihlakazwe.
Kubalulekile ukuthi uRamaphosa aziphendulele ikakhulukazi ngoba ithimba lasungulwa emva komyalelo wakhe.
Ithimba lasungulwa emva kokubulawa kwesishoshovu se-ANC saseMgungundlovu esaseseka uRamaphosa, uMnuz Musawenkosi 'Qashana' Mchunu.
Emva kokuhambela umndeni kaQashana, ngo-2018, uRamaphosa wamemezela ukuthi uzohlanganisa ithimba longqongqoshe elizobhekana nokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Okunye ukukhuluma okuzungeza uRamaphosa yizinsolo zokuthi unezinombolo zomazisi ezintathu ezahlukene.
Lezi zinsolo zivele kwiKhomishini kaMadlanga ngesikhathi kufundwa imiyalezo eyathathwa efonini kasomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi 'Cat' Matlala.
Ufakazi ofihliwe waveza umyalezo owathunyelwa uMatlala, ewuthumelela inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uLieutenant General Lesetja Senona.
Kulo myalezo kuvela idokodo elinezinombolo zomazisi ezintathu ezahlukene.
Zonke lezi zinombolo kuthiwa ezikaRamaphosa.
Izinsolo eziphenywa yikomiti lasePhalamende nekhomishini kaMadlanga zibucayi kakhulu.
Kubalulekile ukuthi lezi zinhlaka zingashiyi lutho uma seziphenya, zibize bonke abantu okuvela amagama abo khona kungeke kube khona okuzosala kulenga.
Ikhomishini kaMadlanga ibingakacacisi ukuthi izombiza yini uRamaphosa.
Ikomiti lasePhalamende lona selike layikhuluma ekaRamaphosa.
Emhlanganweni obungoLwesithathu, igama likaRamaphosa livelile ohlwini lwamagama abantu abangase babizwe.
Umeluleki wezomthetho ePhalamende, u-Advocate Maria Mokhoaetsi, uthe abakanqumi ukuthi uRamaphosa uzogcina ebiziwe yini.
"Ukhona ohlwini kodwa okwamanje esisavumelane ngakho wukuthi akathunyelelwe imibuzo sicele achaze ngokwaxoxwa emhlanganweni wakhe noMasemola kanye noMchunu. Ubufakazi bukaMchunu bukhombisa ukuthi uRamaphosa wavuma ukuthi kuhlakazwe ithimba, uMasemola usho okuhlukile. Okwamanje sifuna nje ukuthi asinike ulwazi. Sifuna nokuthi asitshele ngomhlangano wakhe noMchunu kanye nomhlangano awubamba nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele."
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhombise ukungasinambithisisi kahle lesi sinqumo.
UMalema uthe ukuthunyelelwa kukaRamaphosa imibuzo kukhombisa ukuthi uphethwe ngendlela eyehlukile kwabanye ofakazi ababizelwe ukuba bazophendula phambi kwekomiti.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Mugwenya, uvele usekuqinisekisile ukuthi ihhovisi likaRamaphosa lizoziphendulela phambi kwekhomishini naphambi kwekomiti lasePhalamende."Sikuqaphe ngelokhozi okwenzeka kwikhomishini. Sizokuya koziphendulela njengehhovisi likamengameli kulokhu okusithintayo. Sizokubeka kucace ukuthi akukho lapho thina esike sagxambukela khona ekusebenzeni kwezinhlaka zokuphepha."
UMugwenya uthe akakwazi ukusho ukuthi uRamaphosa uzovuma noma uzonqaba yini uma ebizwa ukuba azokwethula ubufakazi. UMugwenya uthe okwamanje abukho ubufakazi obuqondiswe kuRamaphosa."Izinsolo ezenziwe okwamanje zibhekiswe ehhovisi likamengameli, akukho okusashiwo okuthinta umengameli ngqo. Angazi noma ikomiti lasePhalamende lizombiza noma cha. URamaphosa akasiyona indoda ejwayele ukubalekela amakhomishini. Kuzokhumbuleka ukuthi waya kovela phambi kwekhomishini eyayiholwa yiJaji Raymond Zondo, eyayiphenya izinsolo zokulawulwa koMbuso yidlanzana. URamaphosa waze wavela kabili phambi kwale khomishini. Wavela izinsuku ezimbili lapho ayebizwe ukuba azophendula imibuzo njengomholi we-ANC. Imibuzo eminingi lapha yayigxile eqhazeni alibamba ngesikhathi eyiphini likamengameli we-ANC. Ngesikhathi eyiphini likamengameli, uRamaphosa wayengusihlalo wekomiti le-ANC elaliqoka abazojutshwa ezikhundleni ezinhlakeni zikahulumeni. Waphinde waphekwa ngebhodwe elincane izinsuku ezimbili futhi khona ayefake isigqoko sakhe sokuba ngumengameli wezwe, waphinde wabuzwa nangezinto ezenzeka ngesikhathi eseyiphini likamengameli wezwe.
Related Topics: