BROWN MOGOTSI
Image: Screenshot/SABC News
USOMABHIZINISI osematheni kulezi zinsuku, uMnuz Brown Mogotsi, usesabise ngokudalula amagama abantu abagixabezwa ngemali ngusomathenda ogqigqa enkantolo ngecala lokuzama ukubulala, uVusimuzi "Cat" Matlala.
UMogotsi, osolwa ngokuba wubhululu kaNgqongqoshe osamisiwe uMnuz Senzo Mchunu, ukhonjwa ngenjumbane ngokufuna imali kuMatlala ukuze kuxhaswe imibhiyozo ye-ANC. Uthinteka ekugxambukeleni emisebenzini yamaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (SAPS). Igama likaMogotsi lithinteke kaningi ebufakazini obethulwa kwiKhomishini kaMadlanga naseKomitini lasePhalamende, esolwa nangokuba yimpimpi yamaphoyisa.
NgoLwesine amaphoyisa agasele emabhizinisini kaMogotsi aseNorth West. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, u-Athlenda Mathe, ukuqinisekisile ukuvakashelwa kwamabhizinisi kaMogotsi ngenhloso yokuphenya ngosekudingidwe eKomitini lePhalamende nakwiKhomishini yeMadlanga. Ekhuluma eseGoli, uMogotsi uthe ubengekho ezakhiweni zakhe ngesikhathi kutheleka abakwaSidlodlo kodwa uthembise ukuzinikela emaphoyiseni aseSandton, eGoli ngoLwesihlanu. Uthe usemagange ngokwethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga, waxwayisa ngokuthi uzodedela amagama asebeke bahlomula kuMatlala.
"Kweminye imisakazo, ngathi,uma uCat akwazi ukuxhasa ingqungquthela ye-ANC iJanuwari 8 ngoR100 000, awucabangi ukuthi wangitshela ukuthi ngobani abanye aseke wabanikeza imali? Manje sekungathi konke kungoBrown Mogotsi futhi bakhuluma ngoR138 000 weJanuwari 8...Kuningi okuzayo. Yebo kuningi okuzayo. Ngesonto lokuqala noma lesibili, ngizobe ngikwiKhomishini kaMadlanga ngibeka uhlangothi lwami. Kuzokhala amadoda," kusho uMogotsi
Ebuzwa ngobudlelwano bakhe bamanje noMatlala, uMogotsi unxuse ukuba baqale bezwe olunye uhlangothi lukaMatlala kuqala. Igama likaMogotsi libuye lavela kaningi emiyalezweni kaWhatsApp ethulwe kwiKhomishini kaMadlanga, iveza ukuthi ubeqoqa kanjani imali ezinswelaboyeni ukuze azihlomulise.
Enye imali kubikwa ukuthi beyixhasa imicimbi ye-ANC. Nakuba kunjalo kodwa uNobhala we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe le nhlangano iyaziqhelanisa noMogotsi, wathi akalona ngisho ilungu le-ANC. Eziphendulela uMogotsi ugcizelele ukuthi useyilungu le-ANC elisemthethweni futhi unobufakazi. "Ngiyilungu le-ANC futhi ngiyohlale ngiyilungu eliyivolontiya le-African National Congress." Yize esho kanje uMogotsi kodwa uMbalula uthi ubulungu bukaMogotsi kwi-ANC sebaphelelwa yisikhathi. UMogotsi uthe uMbalula usenga ezimithiyo ngalokhu akushoyo.