Izindaba

Kwelulwe isikhathi sokuphekwa kukaMchunu ngemibuzo

Sabelo Nsele|Published

USenzo Mchunu

Image: Zwelethemba Kostile / Parliament of RSA

KONGEZWE isikhathi sokuphekwa kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngemibuzo ekomitini lasePhalamende elikhethekile.

UMchunu usezophekwa ngemibuzo kuze kube uLwesithathu, kwakukade kuhlelwe ukuthi aqede ukwethula ubufakazi. Isinqumo sokulula isikhathi sithathwe emhlanganweni wekomiti obungoLwesihlanu.

Kululwe isikhathi ukuze kunikezwe ohola ubufakazi, u-Advocate Norma Arendse, ithuba lokuba aqedele ukupheka uMchunu ngemibuzo.

U-Arendse akazange aqede ukuhloma uMchunu ngemibuzo ngesikhathi kuguqa umhlangano wekomiti ngoLwesihlanu, wathi akuzukuphazamisa ukululwa kwesikhathi sikaMchunu ngoba akekho ufakazi obekuhlelwe ukuthi avele ngoLwesithathu.

Uma ikomiti seliphinde lihlala kusasa, kuzodlalwa inkulumo eqoshiwe lapho okuthiwa kuyona kuzwakala uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nhlanhla Mkhwanazi, esongela uMchunu.

Kule nkulumo okuthiwa iphakathi kukaMkhwanazi kanye naloyo oyisikhulu sezisebenzi ehhovisi likaMchunu, uMnuz Cedric Nkabinde, kuthiwa kuzwakala uMkhwanazi ethi uMchunu akaqhubeke nokuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uma ezazi ukuthi awekho amahlazo akhe angavundululwa amaphoyisa uma engase aqale amphenye kusukela esengundunankulu waKwaZulu-Natal.

Emva kokudlalwa kwenkulumo u-Arendse, uzokube esebuza imibuzo ngaphambi kokuthi adedele amalungu ekomiti ukuthi apheke uMchunu ngemibuzo.

Usihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uthe u-Arendse uzonikezwa amahora amabili ukuba aqedele ukupheka uMchunu ngemibuzo.

"Kufanele uxoxe nabameli bakaMchunu ukuze nizovumelana ngalezi zinto eniphambana kuzo ukuze singeke sibambezeleke ngoLwesibili," kusho uLekganyane ebhekise ku-Arendse.

Amalungu ekomiti abeseqalile ukukhombisa ukumhalela uMchunu njengoba ebelokhu ephonsa imibuzo ngesikhathi u-Arendse ebeqhubeka nokuhola ubufakazi bukaMchunu.

Kulezi zinsuku ezimbili avele ngazo, uMchunu uvikele isinqumo sokuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMchunu uthe incwadi ehlakaza ithimba yabhalwa nguyena ngosuku lokuhlukanisa unyaka, eyibhala eyedwa, endlini ewulawondi emzini wakhe.

UMchunu uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, wavumelana nesinqumo sokuhlakazwa kwethimba.

Emva kukaMchunu, kuzolandela owayengungqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, okuhlelwe ukuba avele izinsuku ezimbili.