Izindaba

Akazibekanga phansi uMacingwane enikwa ithuba lokuziphendulela

Sabelo Nsele|Published

Ungqongqoshe wamaPhoyisa Senzo Mchunu

Image: Armand Hough

UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ubhakele wathi walichitha ngokusemthethweni ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, hhayi ngezizathu zokukhohlakala.

UMchunu uchithe izinsolo zokuthi akanawo amandla okuhlakaza ithimba, nokuthi wathi akuhlakazwe ithimba ngoba nakhu evikela abantu asondelene nabo ababephenywa yithimba. 

Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile, izolo.

UMchunu uthe walandela umthetho ngesikhathi ethatha isinqumo sokuhlakaza ithimba, wathi umthetho uyamgunyaza ukuba akhiphe umyalelo wokuba kuhlakazwe. 

UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, wayamanisa uMchunu nosomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala. 

Kepha uMchunu uthe akasiyena umngani wezigebengu.

Ubufakazi bukhombisa ukuthi uMatlala uxhumana naloyo uMchunu amchaza njengeqabane lakhe, uMnuz Brown Mogotsi. 

UMogotsi kuthiwa wathumela uMatlala incwadi kaMchunu ekhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba. 

UMchunu akazi ukuthi uMogotsi wayithola kanjani le ncwadi.

"Angikaze ngikhulume noMogotsi ngokuhlakazwa kwethimba. Angazi ukuthi wayithola kanjani le ncwadi lapho khona ngangikhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba. Uyena okufanele achaze ngale nto. Iyangikhathaza le nto. Le ncwadi kwakungafanele ukuba iputshuke."

UMchunu utshele amalungu ekomiti ukuthi ithimba belisebenza ngokungekho emthethweni, wathi ithimba kufanele engabe lagcina ukusebenza ngo-2022.

UMchunu uthe ngesikhathi ithimba lisungulwa kwakuhlelwe ukuthi lisebenze izinyanga eziyisithupha kuphela.

Uthe ithimba lalilokhu lilulelwa isikhathi sokusebenza kwaze kwaba u-2022, wathi emva kwalokho asibange sisalulwa isikhathi sokusebenza kwethimba.

"Into ebeyenzeka ukuthi kwakufika izicelo zokuthi ithimba labelwe enye imali kodwa akukho okwakusho ukuthi ithimba lilulelwe isikhathi. Le nto iphambene nomthetho wokuphathwa kwemali iPFMA (Public Finance Management Act). Awukwazi ukuqhubeka unikeze imali ithimba njengoba ingekho into elilulela isikhathi. Ingakuqhatha ikuqede le nto uma ungase ubizwe ukuthi uzoyichaza phambi kweScopa (ikomiti elibhekelele ukusebenza kwemali yomphakathi), iStanding Committee on Public Accounts."

UMchunu uthe wanquma ukuthi ithimba lihlakazwe ngenxa yokuthi kwase kunohlelo lokuba kusungulwe uphiko oluzophenya onke amacala okubulawa kwabantu kuzwelonke.

UMchunu uthe nakuba ithimba lalenza umsebenzi oncomekayo inkinga ukuthi laliphenya amacala okubulawa kosopolitiki namakhosi kuphela futhi laliphenya amacala enzeka esifundazweni esisodwa.

"Abantu bayafa nakwezinye izingxenye zezwe. Asikwazi ukugxila ekubulaweni kosopolitiki namakhosi kuphela. Yingakho kwakunohlelo lokuthi sibe nophiko oluzovikela bonke abantu. Angilidleli umona ithimba kodwa iqiniso ukuthi abantu bayabulawa kulo lonke izwe. Angisalali ngisho ebusuku ngenxa yobugebengu."

UMchunu uthe ngokwezibalo zokubulawa kwabantu akusibona osopolitiki ababulawa kwakhulu.

"Izibalo zikhombisa ukuthi abantu ababulawa kakhulu bangaphansi kwesigaba sokubulawa okuhleliwe. Isibalo sabo u-35%, bese kuthi ukubulawa kwabamatekisi khona kube u-34%. Ukubulawa kosopolitiki khona kungu-24%."

UMchunu uthe ngesikhathi eqokwa njengongqongqoshe womnyango ngonyaka owedlule, kwakuvele kunocwaningo olwaluphakamisa ukuthi ithimba lihlakakzwe.

UMchunu uthe lolu cwaningo lwenziwa ngo-2019.

"Kwasekuqaleni vele ithimba kwakuyinto yesikhashana. Kwakungafanele ithimba lihlale unomphela, kwakufanele lihlakazwe uma seliwenzile umsebenzi walo."

UMchunu uthe ukugcinwa kwethimba bekudla umnyango izigidi zamarandi.

"Iqiniso ukuthi izakhiwo eziningi eziteshini zamaphoyisa zishayisa ngamahloni. Kuyinto embi ukuthi izigidi zamarandi zilokhu zabelwa ithimba ekubeni iziteshi zamaphoyisa zingalungiswa."

UMchunu uthe ngesikhathi eqokwa wathola izikhalazo kubantu abaningi abacela ukuthi kuhlakazwe ithimba.

Uthe phakathi kwabantu abambhalela umhlaziyi wobugebengu, uSolwazi Mary De Haas nojwayele ukubhala ngenkohlakalo eyenzeka emaphoyiseni, uNksz Patricia Mashele.

UMchunu uthe ababembhalela babekhalaza ngokusebenza kwethimba.

Bekungokokuqala uMchunu ethola ithuba lokuziphendulela.

UMchunu ukhombise ukuba magange ukuziphendulela engafuni nokuthi amalungu athathe ikhefu lokulula izinyawo. Utshele amalungu ekomiti ukuthi kade alulinda lolu suku.

"Selokhu uMkhwanazi enza izinsolo, mina nginuka uMkhwanazi. Nezimpahla engizigqokile zinuka uMkhwanazi. Kuningi uMkhwanazi akushilo ngami. Ingakho nami ngifuna ukulisebenzisa leli thuba engilinikiwe ukuba ngiziphendulele."

UMchunu uzoqhubeka nokuthula ubufakazi namuhla.