Izindaba

Kuvele eyobudlelwano bukaMatlala nenhloko yoKlebe eKZN

Sabelo Nsele|Published

USOMABHIZINISI oboshelwe uxhaxha lwamacala Vusimuzi 'Cat' Matlala

Image: Sigciniwe

IKHOMISHINI ephenya izinsolo zokusebenzisana kwamaphoyisa, izigebengu kanye nosopolitiki ivezelwe imiyalezo ekhombisa ukuxhumana kwenhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona nosomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi 'Cat' Matlala.

Ubufakazi obethulwe phambi kwekhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga buveze ukuthi uMatlala usebenzisana nendodana kaSenona kwezamabhizinisi, uMnuz Thato Senona.

Imiyalezo eyamanisa uSenona noMatlala yethulwe ufakazi ofihliwe ovele phambi kwekhomishini, izolo.

Ufakazi ubekhuluma esendaweni engadalulwanga ngenxa yokwesabela ukuphepha kwakhe.

"USenona unobudlelwano obumhlomulisayo nosomabhizinisi osolwa enkohlakalweni. Imiyalezo ikhombisa imizamo yokuhlela imihlangano phakathi kukaSenona noMatlala."

Ufakazi ufunde imiyalezo eyatholaka efonini kaMatlala.

Imiyalezo iveza lapho khona uSenona noMatlala bekhuluma ngezinto ezithinta amaphoyisa kanye nezamabhizinisi.

Kwenye ingxoxo kuvela lapho khona uMatlala noThato bekhuluma ngokuthenga indlu.

Umyalezo uqala ngokuthi uSenona abuze uMatlala ukuthi ubeseke waxoxa yini noThato.

UMatlala uphendula ngokuthi uzoxoxa noThato ngakusasa, aphinde alandelise ngomunye umyalezo lapho khona eveza ukuthi usalinde ukuba enze isicelo sokuthenga indlu.

Imiyalezo iveza lapho khona uMatlala ecela uThato ukuba amthumelele imininingwane yakhe khona ezothenga indlu.

Vusimuzi 'CAT' Matlala.

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

Omunye umyalezo iveza lapho khona uSenona egqugquzela uMatlala ukuba aphonsele inselelo ukunqanyulwa kwethenda ka-R360 million ayeyithole emaphoyiseni.

Ithenda kaMatlala yahoxiswa emva kwezinsolo zenkohlakalo.

Kuqale kuvele lapho khona uSenona ezwakalisa ukukhathazeka kwakhe ngemibiko yabezindaba eveza izinsolo zenkohlakalo kule thenda.

Uma kuqhubeka imiyalezo, uMatlala etshela uSenona ukuthi uhlelo ukuphonselela isinqumo ukuhoxiswa kwethenda. USenona uphendula sakuhlohla uMatlala.

"Bakhombise ukuthi ungubani mfowethu."

Ithenda yahoxiswa ngaphambi kokuthi uMatlala aboshwe, akabange esakuphonsela inselelo ukuhoxiswa kwethenda.

Kunengxoxo ekhombisa lapho khona uSenona noMatlala bekhuluma ngokuhlakazwa kwethimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

"Kubukeka sengathi uSenona noMatlala babenenkolelo yokuthi ithimba laliphenya uMatlala."

Izinsolo zokuxhumana kukaSenona noMatlala zaqala ukuvezwa isikhulu sezinhloli esihola ithimba eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uLieutenant General Dumisani Khumalo.

UKhumalo wagula ephakathi nobufakazi bakhe, akukacaci ukuthi uzobuyela nini ukuyoqedela ubufakazi bakhe phambi kwekhomishini.

Ikhomishini izoqhubeka namhlanje.