Izindaba

USibiya uvikele ukuhlakazwa kwethimba iPKTT

Sabelo Nsele|Published

U-LIEUTENANT General Shadrack Sibiya, iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, ethula ubufakazi ePhalamende izolo Isithombe: Armand Hough / Independent Newspapers

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, livikele isinqumo sokuhlakazwa kwethimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, iPolitical Killings Task Team (PKTT).

USibiya uthe akulungile ukuthi kube yiKwaZulu-Natal kuphela enethimba ekubeni bebulawa osopolitiki nakwezinye izifundazwe.

Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile.

Ngesikhathi evele phambi kwekomiti uSibiya ubhoboke ngezinsolo zokuthi usebenzisana nezigebengu, waphinde wachaza kabanzi ngobudlelwano bakhe noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, athe badungeka emva kokuboshwa kwabantu ababesolwa ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA.

U-LIEUTENANT General Shadrack Sibiya, iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, ethula ubufakazi ePhalamende izolo Isithombe: Armand Hough / Independent Newspapers

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

USibiya uvume eyokuba nobudlelwano nosomabhizinisi oboshelwe uxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, kanye nesishoshovu esisematheni ngokucela uMatlala imali, uMnuz Brown Mogotsi.

UMkhwanazi kanye noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, benza izinsolo zokuthi uSibiya wayephambili emizameni yokuhlakaza ithimba. 

U-LIEUTENANT General Shadrack Sibiya

Image: INDEPENDENT NEWSPAPERS

USibiya utshele amalungu ethimba ukuthi kumosha imali eningi ukuba khona kwethimba ngoba abaseshi abayingxenye yethimba baqhamuka ngaphandle kwesifundazwe iKwaZulu-Natal.

"Ngiyanxusa amalungu ekomiti ukuthi ake nje acele imininingwane yayo yonke imali esisetshenzisiwe kusukela kwasungulwa ithimba. Ngifuna amalungu ekomiti abone ukuthi ingakanani imali ekhokhelwa abantu ngenxa yokuthi basebenze isikhathi esengeziwe kanye namali yokuthi basebenzela ngaphandle kwalapho beqashelwe ukuba basebenzele khona."

USibiya uthe osopolitiki bayabulawa nakwezinye izifundazwe, wathi kunombiko awubhalile ngokubulawa kosopolitiki komasipala abasesifundazwe iMpumalanga. 

AMALUNGU eMK ePhalamende oMnuz David Skosana, Sibonelo Nomvalo noThulani Shongwe. USkosana (onganeno) wenqabile ukuhoxa ekomitini eliphenya ngezinsolo zokusebenzisana kwamaphoyisa, osopolitiki nezigebengu

Image: RSA Parliament/Supplied

"Inkinga wukuthi ithimba aliwaphenyi amacala enzeka kwezinye izifundazwe, liphenya amacala enzeka KwaZulu-Natal kuphela."

USibiya uthe kwamumangaza okwashiwo nguMkhwanazi ngaye ngesikhathi ebize isithangami nabezindaba, ngoJulayi.

USibiya uthe ngaleso sikhathi wayazi ukuthi bayazwana noMkhwanazi.

Uthe babekade bekhulumile noMkhwanazi ngayizolo.

"Waze wangibiza nge-boss, wathi angosho uma ngikhona KwaZulu-Natal. Wayesanda kungimema emcimbini wokuklomelisa amaphoyisa enze kahle. Ngamangala uma esekhuluma kanje ngami."

USibiya uthe okwabaqhatha wukuthi owayengungqongqoshe wamaPhoyisa ngaleso sikhathi, uMnuz Bheki Cele, wacela ulwazi ngabasolwa ababeboshelwe icala lokubulawa kuka-AKA.

"Into nje engona ngayo wukuthi ngathinta iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal ngesikhathi ngibuza ngalolu daba. Ngiyazi ukuthi kwakufanele ngithinte yena uMkhwanazi. Kodwa ngenxa yokuthi uMkhwanazi ngiyamazi ukuthi uhlezi ematasa, ngathinta iphini lakhe. Kwabe ngizithintele. UMkhwanazi wangithethisa wathi angikwazi ukuvele nje ngifonele, ngitshele amaphoyisa angaphansi kwakhe ukuthi awenzeni. Ngathi ngiyamchazela ukuthi umbiko ubufunwa nguCele, wathi yena akaphethwe osopolitiki."

Echaza ngobudlelwano bakhe noMatlala kanye noMogotsi, uSibiya uthe bayazana kodwa wathi abasondelene.

USibiya uthe uMatlala uyamazi ngenxa yokuthi unamathenda emaphoyiseni. Uthe ukuqala kwakhe ukuxhumana noMatlala wathola umyalezo.

"Kulo myalezo uMatlala wayecela ukungibona. Ngavuma ukuthi sibonane."

USibiya uthe abazange baxhumane izikhawu eziningi noMatlala. Uthe noMogotsi naye abazange baxhumane izikhawu eziningi.

"Wangifonela nje efuna ukubuza ngamacala athile. Ngathi uma ngenza uphenyo kabanzi kwi-internet ngoMogotsi, ngathola ukuthi uyisishoshovu saseNorth West."

USibiya uthe bahlangana ubuso nobuso noMogotsi ngesikhathi kunomgubho we-ANC, eCape Town, ngasekuqaleni konyaka.

"Weza lapho engangilele khona, ezobingelela. Sadla isidlo sasekuseni."

USibiya uchithe imiyalezo okuthiwa yatholwa abaphenyi efonini kaMatlala.

Le miyalezo ikhombisa ukuxhumana phakathi kukaMogotsi noMatlala.

Kule miyazo kubuye kungene negama likaSibiya.

USibiya uthe uyayingabaza le miyalezo ngoba akekho ungoti owenze isitatimende esifungelwe sokuthi yatholakala kanjani imiyalezo.

Kuke kwabambezeleka ukulalelwa kobufakazi bukaSibiya ngenxa yesicelo sokuba kushenxe ilungu le-MK, uMnuz David Skosana.

USkosana bekuthiwa akashenxe ngenxa yokuthi kunecala alivulela uSibiya kanye noNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

USkosana ugcine enqabile ukushenxa, uSibiya uzwakalise ukungenami kwakhe ngokungashenxi kukaSkosana.

Khonamanjalo, iguqile ikhomishini ephenya izinsolo ezifanayo emva kokuba abezindaba bephikise isicelo sokuba ilalele ubufakazi esithe.

Ikhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga ibihlose ukulalela ubufakazi esithe, izolo.

Amaziko ezindaba amabili asiphikisile lesi sicelo. Abameli bayalelwe ukuba balethe amaphepha khona izolo, isinqumo sizophuma namhlanje.