Izindaba

Itwetwe ikhansela lishaywa ngempama emhlanganweni womkhandlu

Sabelo Nsele|Published

Liwhunyiswe ngempama kubuka abanye ikhansela, eMpendle

Image: Sigciniwe

LISABELA impilo yalo ikhansela eliqhunyiswe ngempama, laphinde lasongelwa ngokufa emhlanganweni okhethekile obubizelwe ukuzokhetha imeya kaMasipala waseMpendle. 

Ikhansela le-EFF emkhandlwini, uMnuz Sifiso Zuma, lithe lisathuka izanya emva kokushaywa iqulu ebeligqoke izikibha ze-ANC elifike laphazamisa umhlangano obungoLwesihlanu. 

UZuma uthe leli qulu lamsongela ngokuthi uzokufa.

UMasipala waseMpendle usuhlale izinyanga ezine ungenayo imeya emva kokukhishwa kukaMnuz Buyisani Mlaba, ngevoti lokungabethembi ubuholi. 

NgoLwesihlanu, bekubizwe umhlangano oyisipesheli obekuzokhethwa kuwo imeya entsha. 

Uthe kuthe umhlangano uphakathi kwagasela iqulu ebeligqoke izikibha ze-ANC, langena nezicabha, laphazamisa umhlangano. 

UZuma uthe okumqhathe nequlu ukuphakamisa ukuthi kubizwe amaphoyisa azolikhipha emhlanganweni. 

"Ngesikhathi uSomlomo (uMnuz Sizwe Ndlela) ethi umhlangano uyawumisa, mina ngaphakamisa ukuthi akubizwe amaphoyisa khona ezokhipha abantu abaphazamisa umhlangano. Oyedwa wangishaya ngempama."

UZuma uthe iqulu lamchapha ngenhlamba, laphinda lamsabisa.

"Bathi bayazi ukuthi imina owakhipha imeya njengoba kuyimina owethula isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bayo. Abanye babethi ngizobona ukuthi ngizofika kanjani ekhaya, abanye bathi ngizokufaka."

UZuma uthe ufuna ukwazi ukuthi lavunyelwa kanjani leli qulu ukuba lingene emhlanganweni.

"Uma uzongena lapha kufanele usayine konogada. Sizibona singaphephile uma kuzokuba nabantu abazokwazi ukudlula konogada, bangene emhlanganweni, bafike basabise amakhansela. Ngaphambi kokuthi kukhulunywe indaba yomhlangano olandelayo kofanele basichazele ngezokuphepha."

UZuma uthe udaba lokushaywa kwakhe ulubike esiteshini samaphoyisa esiseMpendle, wabe eseyalelwa ukuthi ayothola incwadi kadokotela, wathi uzobuyela namhlanje esiteshini samaphoyisa eyoqedela ukuvula icala esephethe incwadi kadokotela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe icala lizovulwa uma uZuma eselethe incwadi kadokotela.

Ikhansela le-IFP, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe iqulu lalisho ukubaqeda.

"Bafike bakhahlela izicabha, basithela ngeziphuzo."

UNgubane ukugxekile ukubhuntsha komhlangano.

"Sesihlale izinyanga ezine singenayo imeya. Besingalindele ukuthi kufike amalungu e-ANC ngesankahlu eziphazamisa umhlangano obaluleke kanje. Le nto ikhombisa ngokusobala nje ukuthi abantu be-ANC abanendaba ngempela nabantu baseMpendle. Sinxusa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ukuba usondele eMpendle."

UNgubane uphinde wanxusa umkhandlu ukuba uqinise ezokhuphepha.

"Ngibona sengathi aziqinile ezokuphepha uma kuzongena iqulu labantu lidlule konogada, lize lifike lapho kubanjwe khona umholi."

Imenenja yomkhandlu, uMnuz Zakhele Tshabalala, ithe bazothathelwa izinyathelo labo abaphazamisa umhlangano.

"Udaba salubika emaphoyiseni ngokushesha. Amaphoyisa abakhipha abantu abangaziwa. Bazothathelwa izinyathelo labo abathinteka kulesi senzo."

Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-ANC esifundeni iMoses Mabhida, uMnuz Ntuthuko "Koloba" Ntshangase, ayizange iphumelele.

Ngesikhathi ethintwa, ukhale ngokuthi usandaweni embi, wathembisa ukubuye ashayele intatheli.

Akabange esalubamba ucingo, akawuphendulanga nomyalezo awuthunyelwe.