ABAHOLI be-ANC bekhumbula uMnuz Nathi Mthethwa
Image: FACEBOOK
ISIKO lesintu lilandelwe ngendlela ngesikhathi kulandwa umphefumulo wobeyiNxusa lakuleli eFrance, uMnuz Nkosinathi "Nathi" Mthethwa. Lokhu kushiwo yindodana kamufi ngesikhathi itheleka nesidumbu sikayise esikhumulweni sezindiza i- OR Tambo International Airport eGoli ngoLwesihlanu ekuseni.
UMthethwa (58), owake waba wuNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko, udlule emhlabeni emuva kokuphahlazeka esitezi sika-22 ehhotela iHyatt Regency Hotel eParis.
Umndeni kaMthethwa uthe wenze ngokosiko ngesikhathi ulanda umphefumulo wakhe ngaphambi kokuhambisa isidumbu sakhe ekhaya. Indodana kaMthethwa, uMkhululi, ikuqiniseksile ukuthi usiko lokulandwa kwesidumbu ehhotela lwenziwe ku-22 Floor, lapho kukholelwa ukuthi umufi uphonseke khona.
"Lokhu kusho lukhulu kithi. Singabantu abaziqhenyayo ngesiyikho, futhi lena yingxenye yethu. Ngeke simngcwabe ngaphandle kokulandela leli siko Kumqoka kubantu bakithi." UMkhululi uchaze lowo muzwa njengonomunyu nodabukisayo.
"Kuhlasimulisa umzimba. Sivunyelwe ukungena egunjini ukuze sibone lapho egcine khona. Sibe nomkhuleko omncane njengomndeni, sizama ukubhekana neqiniso ngokwenzeka. Akulula ukubona lapho okwaphumela khona umphefumulo. Besifuna ukuphenduleka kulemibuzo esingenazimpendulo zayo."
Isidumbu sikamufi sisuke ngendiza eGoli sayothi cababa esikhumulweni sezindiza saseThekwini, iKing Shaka International Airport lapho sihlangatshezwe khona ngabaholi be-ANC eKZN.
Umufi uzofihlwa ngohlelo lukahulumeni oluyisigaba sesibili KwesakwaMthethwa, eMpangeni ngeSonto emuva kwenkonzo yomngcwabo ezobanjelwa eSiyabonga Sangweni Stadium ngezithuba zabo-8 ekuseni. NgoLwesine bekunenkonzo yesikhumbuzo ebisePinetown kwathi enye yabanjewa ePitoli ngoLwesihlanu.