Izindaba

Simanzonzo isimo kususana inkosi nenduna

Sabelo Nsele|Published

Sishubile isimo Induna nenkosi bebanga iholo

Image: Sigciniwe

SIMAZONZO isimo ebukhosini baKwaBhidla, eBulwer, kulandela ukungaboni ngaso linye kweNkosi uThulabezwe Dlamini nenduna yaseMqulela, uMnuz Kufakwezwe Sosibo.

Umsindo ususwe ukungaholi kukaSosibo ekubeni ezinye izinduna zaKwaBhidla, aqokwa kanye nazo, zona zaqala ukuhola ngoFebhuwari. USosibo waqokwa ngo-2022, kuze kube namhlanje akakaze ahole.

Kukhona abasola uDlamini ngokuba nesandla ekungaholini kukaSosibo.

Ilungu lomphakathi - elicele ukuba igama lalo lingadalulwa - lithe uDlamini ufuna uSosibo adikile isikhundla khona kuzongena umuntu owahlulwa ngesikhathi kukhethwa induna.

"Inkosi yayifuna ukuba kuqokwe omunye umuntu. Lo muntu owayefunwa yinkosi wahlulwa kakhulu, hhayi kancane. USosibo wathola amavoti angu-68, lo muntu owayefunwa yinkosi wathola amavoti angaphansi kuka-10. Umphakathi washo kahle ukuthi awumfuni lo muntu ofunwa yinkosi."

Uqhuba umthombo, uthe abantu abaningi baseka uSosibo njengoba kunokungaboni ngaso linye.

"Isimo sishubile impela ngoba abantu basola ukuthi inkosi ibophela induna amanqina enyathi."

USosibo uvumile ukuthi asisihle isimo phakathi kwakhe noDlamini.

USosibo uthe isimo siqale ukushuba ngesikhathi ebuza ukuthi kungani yena engaholile ekubeni ezinye izinduna aqokwa kanye nazo seziqalile ukuhola.

"Ngafonelwa ezinye izinduna esaqokwa kanye nazo zijabule, zingitshela ukuthi imali yazo ingenile. Lezi zinduna zaya enkosini, ziyobonga. Nami ngaya enkosini ngiyokusho ukuthi angizange ngiyithole into yokuhleka. Inkosi yathi nayo ayazi ukuthi yini ngingaholanga."

USosibo uthe wabe esenikela emahhovisi oMnyango weokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, eyobheka ukuthi kubambephi.

"Angizange ngiyithole impendulo eqondile. Emva kwalokho, inkosi yabe isingitshela ukuthi isiyangisusa esikhundleni ngoba sengiyihambele phambili, ngaya emabhilidini amakhulu."

USosibo uthe amalungu omphakathi ashaya phansi ngonyawo, awafuni nokuyizwa eyokuxoshwa kwakhe.

"Umkhandlu wenduna waya khona esigodlweni senkosi, uyobuza ngale nto. Inkosi yazivalela, yathi ngeke ikhulume nawo."

USosibo uthe uyaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe.

"Lona ofunwa yinkosi uke wazama ukubiza umhlangano kodwa abantu bangaya lapho. Ngiyaqhubeka nokwenza umsebenzi wami yize ngaxoshwa emkhandlwini."

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDlamini ayizange iphumele. Ngesikhathi eshayelwa ukhale ngokuthi usemhlanganweni, wacela ukubuye athintwe emva kwamahora amabili.

Akabange esalubamba ucingo ngesikhathi esephinde eshayelwa.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Senzelwe Mzila, uthe basazoluphenya udaba lukaSosibo.