Izindaba

Ifuna ukucula inkabi eboshwe nenkosi yakwaZuma

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Thabo Mathonsi Chonco ofuna ukuvuma icala

Image: Sithunyelwe

IFUNA ukuvuma icala inkabi eboshwe nenkosi ebhekene noxhaxha lwamacala okubulala okukhona kuwo nelokubulawa kwekhansela le-DA kuMasipala waseMngeni. 

Inkabi eboshwe kanye neNkosi Simphiwe Erick Zuma, uMnuz Thabo Mathonsi Chonco, isiqale izingxoxo noMbuso lapho ihlela khona ukuvuma icala.

UChonco usolwa ngokwakha itulo lokubulawa kowayengusotswebhu kuMasipala waseMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu. 

UChonco kuthiwa wakha itulo lokubulala uNdlovu esejele. 

Ummeli kaChonco, uMnuz Khanyile (onqabile negama lakhe), uthe basaxoxa noMbuso. 

Ukusho lokhu ngesikhathi kulalelwe icala eNkantolo yeMantshi eHowick, izolo. 

"Ngithi angiyibikele inkantolo ukuthi kukhona izingxoxo eziqhubekayo. Umuntu engikhuluma naye kakhulu umshushisi omkhulu ecaleni, u-Advocate Lawrence uGcaba. Asikaziphothuli izingxoxo."

UChonco usanda kulahlwa yicala lokubulala abantu abahlanu eBulwer, ecaleni ebeliqulwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ubhekene nelinye icala lokubulala abantu eMbali, eMgungundlovu.

Ukuphumelela kwezingxoxo zikaChonco noMbuso kungandisa izinkinga kuZuma.

Omunye osolwa kuleli cala, uMnuz Zwelithini Buthelezi, usephenduke ufakazi woMbuso.

Inkantolo isanda kuchitha isicelo sikaZuma sokudedelwa ngebheyili kuleli cala.

INKOSI uSimphiwe Zuma, ibhekene namacala amathathu okubulala

Image: X

Abanye abasolwa kuleli cala, uMnuz Thobani Hlongwa noMnuz Khayelihle Shabalala, nabo banqatshelwa ibheyili.

Icala lihlehliselwe u-Okthoba 23.

UZuma noChonco baphinde bavela kafushane enkantolo lapho bebhekene khona necala lokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba kamasipala, uMnuz Xolani Ntombela/Ndlovu.

Kuleli cala baboshwe noMnuz Thembelani Mbatha.

Nalo leli cala lihlehliselwe u-Okthoba 23, lapho kuzokwenziwa amalungiselelo okufakwa kwesicelo sebheyili sikaZuma.

UZuma utshele inkantolo ukuthi uzosifaka isicelo sebheyili nakuleli cala.

UZuma uphinde wavela kafushane kuyo le nkantolo lapho ebhekene necala lokubulala owayengundunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Qalokunye Zuma.

Kuleli cala uZuma wakhishwa ngebheyili kaR25 000.

Nalo icala lihlehliselwe u-Okthoba 23, lapho kuzolalelwa isicelo soMbuso sokuba kuhoxiswe ibheyili eyanikezwa uZuma.

UMbuso ufuna kuhoxiswe ibheyili ngenxa yezinsolo zokuthi uZuma wagwazela imantshi ngo-R200 000, nokuthi waqamba amanga esicelweni sebheyili.

Umshushisi, uMnuz Zokwakha Nzama, uthe bayaqhubeka namalungiselelo okulalelwa kwesicelo sokuba kuhoxiswe ibheyili.

"Sizobanikeza amaphepha asenkantolo abameli bakaZuma."

Ummeli kaZuma, u-Advocate Mduduzi Nkomo, uthe uMbuso uthembise ukubathumelela amaphepha asenkantolo ngo-Okthoba 13.

banye abasolwa kuleli cala, uMnuz Thobani Hlongwa noMnuz Khayelihle Shabalala, nabo banqatshelwa ibheyili.