SENZO Mchunu
Image: Henk Kruger/Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, uyalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ukuba akhiphe ingonyuluka yokuthi ngubani owabhala incwadi eyayiyalela ukuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa elaliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UMkhwanazi uthe unenkolelo yokuthi incwadi yangoDisemba 31 ayizange ibhalwe nguMchunu.
Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile izolo.
UMkhwanazi uthe ukholwa wukuthi uMchunu waqhamuka esesayina incwadi.
"Ngifisa ukuthi uMchunu eze lapha phambi kwekomiti ezokusho ukuthi incwadi ayibhalwanga nguyena. Uma eqhubeka nokuthi incwadi yabhalwa nguye ngiyathemba ukuthi ngeke azisole ekugcineni uma uphenyo lwethu seluveza ukuthi ngempela incwadi ayibhalwanga uyena."
UMkhwanazi uthe ukholwa wukuthi incwadi yabhalwa wumuntu ongaphakathi emaphoyiseni.
UMkhwanazi uthe incwadi inamaphutha amaningi.
"Uma iqala nje incwadi ithi ithimba lasungulwa ngo-2019 emva kwezincomo zekhomishini eyayiphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal. Ubani ongazi ukuthi ithimba lasungulwa ngo-2018. UMengameli (uCyril Ramaphosa) wenza isimemezelo emva kokuba ehambele umndeni wesishoshovu se-ANC esasibulewe, uMnuz Msawenkosi "Qashana" Mchunu."
UMkhwanazi uthe kunecala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho alivulele uMchunu nabanye abathintekayo ekuhlakazweni kwethimba.
UMkhwanazi uthe ufisa ukuthi kushaye uKhisimusi sebeboshiwe abantu abathintekayo.
"Uphenyo luqhubeka kahle kakhulu. Emasontweni amabili edlule ngithole umbiko ongijabulisile kakhulu."
UMkhwanazi uthe uMchunu usenga ezimithiyo uma ethi uRamaphosa wayengajabule ngomsebenzi owenziwa yithimba.
UMkhwanazi uthe uRamaphosa wazisholo ngokwakhe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngoJulayi ukuthi ithimba lenza umsebenzi oncomekayo.
UMkhwanazi uveze ukuthi amaphoyisa aba nesandla ekusocongweni kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa. Uthe amaphoyisa ophiko lwezinhloli ayejutshwe echwebeni laseThekwini.
Imoto nesibhamu esasebenza ngesikhathi kusocongwa uMagaqa kwathengwa ngemali yesikhwama sezinhloli.
"Amaphoyisa ayejutshwe ukuba alwe nokubanjwa kwenkunzi. Agcina esebamba iqhaza ekubulaweni kukaMagaqa."
UMkhwanazi uphinde waveza ukuthi ukubulawa kwabaculi abadumile eGoli kuyamene nombango wezidakamizwa.
UMkhwanazi uthe abaculi abadumile kusolwa ukuthi usomabhizinisi, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala, unesandla ekufeni kwabo ngenxa yombango wezidakamizwa.
"Nabo laba bantu ababulawa abekho msulwa. Uzozwa kahle uma sekuthethwa amacala enkantolo. Uzozwa ukuthi kukhona oweyezenza ungqesta, wantshontsha izidakamizwa zomunye."
Namhlanje phambi kwekomiti lasePhalamende kuzovela uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, okubhekwe ukuthi abuzwe kakhulu ngodaba lokuhlakazwa kwethimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Related Topics: