Fannie Masemola
Image: Armand Hough/Independent Newspapers
UKHOMISHANA wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, uthe iphini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, kanye noMnuz Cedric Nkabinde obephethe abasebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, babephambili embhidlangweni wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UMasemola uthe uSibiya noNkabinde yibona ababephikelela nokuthi kuqhutshekwe nokulandela umyalelo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, wokuba kuhlakazwe ithimba yize kwakunezikhalo ngalo myalelo kaMchunu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile.
UMasemola uthe baba nemihlangano lapho babezama ukuncenga uMchunu ukuba lingahlakazwa ithimba, bamchazela kabanzi ngomsebenzi oncomekayo owenziwa yithimba.
"Kuleyo mihlangano kwaba nguSibiya noNkabinde abakhombisa ukuphikisana nokuthi ithimba liqhubeke nokusebenza."
UMasemola uthe uSibiya noNkabinde babengafuni nokuyizwa eyokuba amadokodo angu-21 ayephenywa yithimba abuyiselwe KwaZulu-Natal.
UMasemola uthe kwamumangaza ukuthi uMchunu akhiphe umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba ngoba wayengakaze asho ukuthi akagculisekile ngomsebenzi walo.
"Ngamangala nje ukuthi kungani le ncwadi yathunyelwa ngosuku okwakuzohlukana ngalo unyaka. Okunye okumangazayo wukuthi uMchunu wayengakaze asho ukuthi akanelisekile ngomsebenzi owenziwa yithimba. Nganginaye usuku lonke ngoDisemba 28, ngaphambi kokuthi akhiphe umyalelo wokuthi kuhlakazwe ithimba ngoDisemba 31. Akazange asho lutho ngethimba."
UMasemola uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, kanye nowayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, babejabule kakhulu ngomsebenzi owenziwa yithimba.
UMasemola uthe umhlangano wokugcina ababa nawo noRamaphosa noCele wawungaphambi kokhetho lwangonyaka owedlule.
"Bakhombisa ukuwujabulela umsebenzi owenziwa yithimba."
UMasemola uthe isimo asisafani nalokhu esasiyikho ngaphambi kwesithangami nabezindaba esenziwa nguMkhwanazi.
UMasemola uthe mkhulu umehluko abawubonayo kusukela uMkhwanazi enza izinsolo zokuphazanyiswa kokusebenza kwengalo yomthetho.
"Mkhulu umehluko esiwubonayo. Maningi amacala esiwabona engena ezinkantolo. Phambilini bekuthatha isikhathi eside ukuba amacala angene ezinkantolo. Manje sekushintshile. Yebo zikhona izinkinga kodwa siyazama ukuzixazulula."
UMasemola uthe uyazi ukuthi kukhona abafuna aphume esikhundleni.
"Ngingafisa ukuqhubeka ngenze umsebenzi wami kuze kuphele isikhathi sami. Kodwa ngiyazi ukuthi kuhlezi kukhona izigebengu ezakha itulo emakhoneni, ezifuna ngikhishwe. Yingakho bonke okhomishana bamaphoyisa bephuma singakapheli isikhathi sabo. Le nto iphazamisa umbhidlango wokulwa nobugebengu ngoba manje uKhomishana wamaPhoyisa kufanele elokhu eqalaza la bantu abazama ukumxoshisa esikhundleni sokulwa nobugebengu."
Related Topics: