ISilo uMusuzulu kaZwelithini
Image: Sigciniwe
IZOHLANGANELA esibayeni iNdlunkulu kaZulu ikhulekele ubunye emva kwesinqumo esivuna ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
ISilo sibize umhlangano wokubuyisana ozokuba sesigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
Umhlangano uzokuba ngo-Okthoba 29.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe umhlangano uzohanjelwa amakhanda ezindlu zaseNdlunkulu, abaNtwana baseNdlunkulu, amakhosi, abadidiyeli nezinduna zamakhosi.
"Isilo Samabandla onke, iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini, singithume ukuba ngimeme izinhlaka zobukhosi ezibhalwe ngenhla ukuba ziphelele ngothi lwazo esibayeni esikhulu esigodlweni eMashobeni."
UMntwana uThulani uthe inhloso yomhlangano ukuzochazela isizwe ngecala elithinta umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu.
INkantolo yamaCala aDlulisiwe isanda kuguqula isinqumo esichitha isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
INkantolo eNkulu ePitoli yayikade inqume ukuthi uRamaphosa akazange alandele imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kweSilo.
Nokho ngoMsombuluko, iNkantolo yamaCala aDlulisiwe ithole ukuthi uRamaphosa walandela yonke imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kweSilo ngo-2022.
UMntwana uThulani uthe bazobikela isizwe ngesinqumo senkantolo.
"Sizokwelula isandla soxolo nokubuyisana phakathi kweNdlunkulu kaZulu nesizwe. Sizokhulekela ubunye, ubumbano kwiziNyandezulu ezingabanikazi besihlalo, siphinde sihlahle indlela ebheke phambili ukusukela esikhathini samanje."
Izicelo eziphonsela inselelo ukuqokwa kweSilo zazifakwe izinhlangothi ezimbili ezisembangweni wesihlalo sobukhosi.
Isicelo sokuqala sasifakwe abeseka uMntwana uSimakade kaZwelithini, esesibili sasifakwe abeseka uMntwana uBuzabazi kaZwelithini.
Isicelo sabeseka uMntwana uBuzabazi sasifakwe abaseNdlunkulu okukhona kubo nabaNtwana beSilo saKwaKhethomthandayo, uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, uMntwana uMbonisi, Mathubesizwe noVulindlela.
Umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu waqala emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu ngo-2021.
Related Topics: