NGESIKHATHI iSilo uMusuzulu kaZwelithini sigcotshwa phambi kukaMengameli Cyril Ramaphosa
Image: SIGCINIWE
KUYENYUKELA kwabaphikisa ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini njengoba behlangabezane nenye imbibizane izolo.
INkantolo yaMacala aDlulisiwe ichithe isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, esivuna abaphikisa ukuqokwa kweSilo.
INkantolo yaMacala aDlulisiwe ivune uMengameli Cyril Ramaphosa, obephonsela inselelo isinqumo esichitha isinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Isinqumo seNkantolo yaMacala aDlulisiwe siphume izolo.
URamaphosa wanikela eNkantolo yaMacala aDlulisiwe emva kokuba iJaji Norman Davies, lichithe isinqumo sakhe sokuvuma ukuqokwa kweSilo.
Izicelo eziphikisa ukuqokwa kweSilo zazimbili, zagcina zihlanganiswa.
Esokuqala sasifakwe abaseka uMntwana uSimakade kaZwelithini, esesibili sasifakwe abeseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
URamaphosa wavuma ukuqokwa kweSilo ngo-2022 kodwa isinqumo sakhe sachithwa yinkantolo ngo-2024.
Izolo, iJaji Dumisani Zondi linqume ukuthi uRamaphosa walandela yonke imigomo ngesikhathi evuma ukuqokwa kweSilo.
UZondi uyalele abaphikisa ukuqokwa kweSilo ukuba bakhokhe izindleko zenkantolo, waphinde wachitha nesicelo sokuba kuqalwe phansi uhlelo lokubheka ozongena esihalweni sobukhosi bukaZulu.
Abaphikisa ukuqokwa kweSilo bebekhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iMbube ngo-2021.
Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani Zulu, uthe isinqumo senkantolo sishayela isipikili sokugcina.
"Isinqumo siqinisekisa ukuthi wawusemthethweni umhlangano weNdlunkulu kaZulu wango-2021, okwaqokwa kuwo iSilo, siphinde siqinisekise isinqumo sikaRamaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo. Isinqumo sizobuyisa isithunzi kanye nozinzo."
UMntwana uThulani uthe iSilo sinxuse ukuba kube nokubuyisana eNdlunkulu.
"Lesi akusona isikhathi sokuba siqhoshelane. Lesi isikhathi sokuba sibuyisane, sibambane, bese sisebenzela isizwe."
Okhulumela abeseka uMntwana uSimakade, uMntwana uThokozani Zulu, uthe basazohlanganisa amakhanda.
"Sisibonile isinqumo senkantolo. Into elandelayo ukuthi sizohlanganisa amakhanda, bese sicela isiluleko kubameli bethu ukuze sizonquma indlela eya phambili."
Ibhodi lesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, isishayele ihlombe isinqumo senkantolo.
IPhini likaSihlalo webhodi, u-Advocate Linda Zama, lithe isinqumo senkantolo sizodala uzinzo ebukhosini bukaZulu nasesizweni.
"Umbango omude wasezinkantolo awukaze waba mnandi. Sihalalisela usihlalo webhodi, iSilo Samabandla. Isinqumo sinkantolo siqeda ukudideka futhi sizodala ubumbano esizweni."
Umbango weSihlalo sobuKhosi bukaZulu waqubuka emva kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngo-2021.
Related Topics: