Izindaba

UMkhwanazi uyamanise uMchunu necala lokubulala

Sabelo Nsele|Published

ULieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi,

Image: Armand Hough

UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, u Lieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, umatanise uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, nezinsolo zokuphazamisa uphenyo lokufa komuntu.

UMkhwanazi usole uMchunu ngokuba yingxenye yokuphazanyiswa kophenyo lophiko oluqapha ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid, eyayiphenya ngokubulawa komuntu okwakusolwa ukuthi ubulewe abaqaphi bakhe ngesikhathi esangundunankulu waKwaZulu-Natal.

UMkhwanazi wenze lezi zinsolo ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekomiti lasePhalamende elikhethekile, izolo.

 

UMkhwanazi uthe lolu phenyo lwaphela ngendlela engaqondakali emva komhlangano owabanjelwa emzini kaMchunu oseMpangeni.

Ngokusho kukaMkhwanazi, kulo mhlangano kwakukhona owayephethe i-Ipid ngaleso sikhathi, uMnuz Robert McBride, kanye nosanda kususwa esikhundleni sokuba yichief of staff ehhovisi likaMchunu, uMnuz Cedric Nkabinde.

Ngaleso sikhathi uNkabinde wayengumphenyi kwi-Ipid.

 

UMkhwanazi uthe ngesikhathi kunomhlangano uMchunu wayengakabi wuNgqongqoshe wamaPhoyisa.

"UNkabinde wangitshela ukuthi bagibela ibhanoyi, baya emzini kaMchunu. Wangitshela ukuthi babephenya icala lokubulawa komuntu lapho uMchunu wayesolwa ngokuphazamisa uphenyo."

UMkhwanazi uthe usaluphenya lolu daba.

 

"Lokhu enginitshela khona yinto engayixoxelwa nguNkabinde. Emva kwalokho kukhona nelinye iphoyisa elangixoxela into efanayo. Yilapho engabona khona ukuthi iyiqiniso le ndaba. Angikaluqedi uphenyo lwami."

UMkhwanazi uthe emva kokuba uMchunu eqokwe ukuba abe nguNgqongoshe wamaPhoyisa uNkabinde waqokwa ukuba abe yichief of staff. UMkhwanazi uthe uNkabinde wake wamhlanganisa noMchunu.

"Ngaleso sikhathi uMchunu wayenguNgqongqoshe wezaManzi. Ayikho into etheni esayixoxa. UMchunu wathi nje ubefuna ukuzethula kumina."

 

Kuqale ngobuhixihixi ukulalelwa kobufakazi. 

Kusuke umsindo, kwabambezeleka ukulalelwa kobufakazi  ngesikhathi kubangwa isitatimende esilethwe nguMkhwanazi. 

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhale ngokuthi uMkhwanazi akazange alethe isitatimende esiqondiswe ekomitini. 

 

UMalema uthe isitatimende abasitholile yileso uMkhwanazi asethula phambi kweKhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga, nayo ephenya izinsolo ezifanayo. 

"Lapha kubhaliwe ukuthi isitatimende esithayiselwe. Lokhu kusho ukuthi thina sikhosele ngaphansi kwekhomishini. Sekukaningi ngikusho ukuthi thina siyikomiti elizimele, asikho ngaphansi kwekhomishini. Ikhomishini yaqokwa nguMengameli kanti ikomiti laqokwa yiPhalamende. UMkhwanazi kufanele enze isitatimende esiqondiswe ekomitini."

Ohola ofakazi ekomitini, u-Advocate Norman Arendse, uthe ikhomishini iyona eyakwazi ukukhuluma noMkhwanazi kuqala.

 

U-Arendse uthe kwaba nesivumelwano sokuthi amanye amadokodo bazowathatha kwikhomishini.

Nokho amalungu ekomiti awafunanga nokuyizwa incazelo ka-Arendse, kwaze kwaba khona nabaphakamisa ukuthi u-Arendse asuswe esikhundleni.

Amalungu ekomiti avalelane isikhathi esingaphezu kwamahora amathathu, ebanga lolu daba.

 

Abahola ofakazi bagcine beyalelwa ukuba baqale phansi bathathe isitatimende sikaMkhwanazi.

UMkhwanazi uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.