Izindaba

UMchunu usekubheke ngabomvu ukuziphendulela kwiKhomishini kaMadlanga

Nokubongwa Phenyane|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngesikhathi ehambele isifundo ngamaqhawe omzabalanzo, oMnuz Mike Mthethwa noSamuel Msweli, ababulawa ngesikhathi sobandlululo

Image: Nokubongwa Phenyane

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa kuzwelonke osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, useveze ukuthi naye usekulungele ukuveza olwakhe uhlangothi kwiKhomishini kaMadlanga eqale ngenyanga edlule.

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi wagxambukela emsebenzini wamaphoyisa, nokwavezwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMchunu ukusho lokhu esifundweni akade sibanjwe KwaSokhulu, eMpangeni, la bekuhlonishwa kuphinde kukhunjulwa khona amalungu e-ANC abulawa ngesikhathi sobandlululo, oMnuz Samuel Msweli noMike Mthethwa.

Ekhuluma nabezindaba, uveze ukuthi akaze ajabule ngale ndlela ajabule ngayo manje ukuthi akusekude lufike usuku lokuthi aziphendulele.

“Ngoba ungibona nje anginankinga, sengilinde bangithinte basho ukuthi ngize nini kwikhomishini ngoba angikazi nami ukuthi ngizobizwa nini. Engikufunayo ukuthi ngigeze igama lami ngakho konke osekukhulunyiwe ngakho ngivivile, ngikulungele ukuthi ngivele,” kusho uMchunu.

Uthe akafuni ukuphawula kakhulu ngakho konke osekuvelile, naye uyoveza konke akwaziyo phambi kwekhomishini.

“Ithuba elikhulu nakimi leli eliyovela uma isikhathi sesifikile ngakho asilinde leso sikhathi,” kusho yena.

Kulesi sifundo ubonge uMsweli noMthethwa ngokulwa nobandlululo ngesikhathi kusungulwa i-ANC.

Uthe kwakungelula ngesikhathi sobandlululo ezindaweni ezifana neMpangeni njengoba kwakungadingeki ngisho umuntu okhuluma ngeqembu labo.

“Kodwa uMsweli noMthethwa bafa bedutshulwa amaphoyisa ngemuva kokudubula ibhanoyi lawo, bebulawa ngenxa yokuthi abakufihlanga ukuthi bayiliphi iqembu lezepolitiki. Kwakuliwa kakhulu ne-ANC ngaleso sikhathi njengoba abe-IFP babevela kodwa kungabi inkinga kodwa i-ANC iyona okwakuliwa nayo kakhulu,” kusho yena.

Uthe njengoba kubhekwe okhethweni lomasipala ngonyaka ozayo, akufunayo njengomholi wokuqala owaba usihlalo eMusa Dladla, uzimisele ukuthi babuyise omasipala abathathwa kubo.

Yomibili imindeni yalezi zishoshovu ibonge ukuthi kukhunjulwe izihlobo zayo, yathi nayo iyofela khona kwi-ANC, njengoba bekhuliswe ngayo ipolitiki.

Igama likaMchunu seliphathwe yibo bonke ofakazi asebethule ubufakazi kwikhomishini. UMchunu uyamaniswa nosomabhizinisi osolwa ngenkohlakalo uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala nozakwabo uMnuz Brown Mogotsi. 

Kuthiwa kunezinkulumo eziqoshiwe ezidweba isithombe sokugxambukela kosopolitiki nezikhulu zamaphoyisa asezikhundleni eziphezulu.

Ngokobufakazi bukaMkhwanazi, uMogotsi wathumelela uMatlala i-screenshot sengxoxo eseceleni eyayiphakathi kwakhe noMchunu.

Umyalezo bewuchaza kabanzi izinhlelo zikaMogotsi zokuhlangana nePhini likaKhomishana kuZwelonke, uLieutenant General Shadrack Sibiya, ukuphothula udaba olumayelana noGeneral Dumisani Khumalo noMkhwanazi.

UMkhwanazi uveze ukuthi okwamthinta kakhulu wumyalezo kaMogotsi awuthumelela uMatlala ngosuku uMchunu ahlakaza ngalo ithimba elaliphenya ngokubulawa kosopolitiki.

Nakuba ingakapheqululwa ifoni kaMogotsi futhi kungenacala abekwe lona kodwa imiyalezo etholwe efonini kaMatlala ishayisa amakhala. Negama lobengungoqngqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, alisalanga ngaphandle ebufakazini bukaMkhwanazi.