Izindaba

Ingwiji umbuso ufuna kushenxe ummeli kwelikaMagaqa

Sabelo Nsele|Published

Sindiso Magaqa

Image: Supplied

KUQUBUKE ingwijikhwebu ecaleni lokubulawa kowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, ngesikhathi umbuso uveza ukuthi ufuna kushenxe uqweqwe lommeli olumele abasolwa ababili kuleli cala. 

Umbuso ufuna kushenxe u-Advocate Shane Matthews, omele uMnuz Mbulelo Mpofana noMnuz Sibonelo Myeza.

Umbuso ufuna ukuthi uMatthews ashenxe ngenxa yokuthi uke wamela inkabi esiphenduke ufakazi, uMnuz Sibusiso Ncengwa, kulo icala elifanayo.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi kulalelwe icala eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, izolo. 

UMatthews wayemele uNcengwa ngesikhathi icala liqala.

Ngesikhathi esamelwe uMatthews, uNcengwa wayeliphika icala.

Kwathi maphakathi nokuqulwa kwecala uNcengwa walaxaza uMatthews, wabe esevuma icala emva kwalokho. 

Umshushisi omkhulu, u-Advocate Lawrence Gcaba, uthe akusafanele aqhubeke nokumela abasolwa njengoba eke wamela uNcengwa osephenduke ufakazi wombuso. 

"Kuzokuba khona ukushayisana uma eqhubeka nokumela abasolwa ekubeni eke wamela uNcengwa. Ngokwazi kwami umthetho awuvumi ukuthi aqhubeke nokuba ingxenye yecala."

UMatthews uthe akukho ukuphambene nomthetho uma eqhubeka nokumela uMpofana noMyeza.

UMatthews uphonsele umbuso inselelo yokuba ufake ngokusemthethweni isicelo sokuba ashenxe. 

"Lezi zinsolo zibucayi, uGcaba akakwazi nje ukuzisho ngomlomo kuphela. Kufanele alethe isicelo esibhalwe phansi. Kufanele alethe incwadi kaNcengwa efungelwe lapho ezokusho khona ukuthi iziphi izinto esazixoxa naye ngesikhathi ngimmele."

IJaji uMluleki Chithi likuhlehlisele uNovemba 6, ukulalelwa kwecala lapho umbuso uzofaka isicelo sokuba kushenxe uMatthews. 

UNcengwa wagwetshwa iminyaka engu-85 ngecala lokubulala uMagaqa.

Ekuvumeni kwakhe icala, uNcengwa waninda uMpofana noMyeza naloyo owayeyimenenja yoMasipala waseMzimkhulu, uMnuz Zweliphansi Sikhosana.

USikhosana, osolwa ngokuba ungqondongqondo ecaleni lokubulawa kukaMagaqa, waboshwa kamumva emva kokuba enindwe uNcengwa. 

USikhosana, osanda kunqatshelwa ibheyili iNkantolo yeMantshi eMzimkhulu, uvele noMpofana noMyeza, eMgungundlovu izolo.

Bekungokokuqala ukuba laba basolwa bavele kanye kanye enkantolo kusukela kwaboshwa uSikhosana.

Ummeli kaSikhosana, u-Advocate Christo Van Schalkwyk, utshele inkantolo ukuthi akakulungele ukuqulwa kwecala njengoba esadinga isikhathi ukuze afunde imiqulu yecala.

Umndeni nabangani bakaMagaqa bathe bajabule ngenqubekela phambili abayibonayo ecaleni kepha bathi basafuna kuboshwe abanye abasolwa abathintekayo.

Kubasolwa abathe bafuna ukuthi baboshwe bathe kubo kukhona namaphoyisa angaphansi kophiko lwezinhloli okuthiwa aba nesandla ekubulaweni kukaMagaqa.