Fikile Mbalula
Image: X@ANC
IYAMQWASHISA uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, eyokumataniswa kwe-ANC noMnuz Brown Mogotsi, okuvela ukuthi ubecela imali ephindelela kusomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
UMbalula uthe i-ANC ayisoze yazihlanganisa nabantu abafana noMogotsi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
Igama likaMogotsi lisematheni kulezi nsuku njengoba lindiza phezulu kwikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
IKhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga izwe ukuthi uMogotsi ubecela imali kuMatlala. Le mali uMogotsi ubesuke eyifunela ukuyisebenzisela izinto ze-ANC.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, wachaza uMogotsi njengeqabane lakhe.
UMbalula uthe kuyayilulaza i-ANC ukuyamaniswa nabantu abafana noMogotsi.
"Uma kuwukuthi uMogotsi uyilona ngempela ilungu le-ANC, akasona isibonelo esihle selungu le-ANC. Lo muntu uthinteka ezinsolweni zokuhamba ecela imali egameni le-ANC. Izenzo zakhe zingcolisa igama le-ANC. Kuzofanele achaze ngalezi nsolo abekwa zona. Siyazi ukuthi lapha ezweni abantu banelungelo lokuziphendulela uma bebhekene nezinsolo kodwa inhlangano enkulu njenge-ANC ayikwazi ukuyamaniswa nabantu abafana noMogotsi."
UMbalula uthe bazoqala uphenyo lokuthola ukuthi ngabe uMogotsi uyilo ngempela yini ilungu le-ANC.
"Uma eyilona ngempela ilungu le-ANC uzothathelwa izinyathelo ezifanele. I-ANC ayisoze yazimatanisa nabantu abafana noMogotsi. Laba abantu abenza izinto ezingalungile bebe besebenzisa ukuthi bangamalungu e-ANC. Baze bazishaye isifuba ukuthi bangamalungu e-ANC ekubeni benza izinto ezidicilela phansi isithunzi se-ANC. I-ANC angeke ikuvume lokhu."
UMbalula uthe abahambisani nenkohlakalo, wathi basuke bengathunyiwe yi-ANC bonke labo abenza inkohlakalo.
"Akekho umuntu osolwa enkohlakalweni esizomvikela. Asihambisani nenkohlakalo ngoba yenza ukuthi abantu bengazitholi izidingo."
UMbalula uthe onke amalungu e-ANC okuvele amagama awo kwiKhomishini kaMadlanga kuzofanele aye koziphendulela phambi kwayo.
Amagama abaholi be-ANC asavelile okwamanje kwikhomishini kubalwa elikaMchunu, elaloyo owayengungqongqoshe wezamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, nelobeyinxusa lakuleli eFrance osanda kutholakala eshonile, uMnuz Nathi Mthethwa.
"Siyaweseka umsebenzi owenziwa iKhomishini kaMadlanga. Bonke abathintekayo kufanele bayoziphendulela."
UMbalula uveze ukuthi uMchunu uzovela phambi kwekomiti lezobuqotho kwi-ANC.
UMchunu ubhekene nezinsolo zokusondelana nezigebengu eziphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa.
Ngokwezinsolo, uMchunu usondelene noMogotsi.
Kunezinsolo zokuthi kukhona imali etholwa uMchunu kuMatlala.
UMchunu uphinde asolwe ngokwephula umthetho ngesikhathi ekhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Related Topics: