UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, olahlwe yicala lokuqhumisa isibhamu
Image: Facebook/EFF
UMNUZ Julius Malema, noMnuz Adriaan Snyman bevele enkantolo
Image: Facebook/ EFF
KUBI emholini we-EFF, uMnuz Julius Malema, osengcupheni yokugwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele neyokuphunyukwa isikhundla sokuba yilungu lePhalamende.
INkantolo yeMantshi e-East London izogweba uMalema olahlwe icala lokuqhumisa isibhamu ngonyaka ozayo.
Ungoti wezomthetho weDonda Attorneys, uMnuz Melusi Xulu, uthe uMalema uzolahlekelwa ukuba yilangu lePhalamende uma eke wathola isigwebo esingaphezu konyaka.
"Isigaba 47 (1) (e) soMthethosisekelo asibavumeli abantu asebeke bagwetshwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezingu-12 ukuba babe amalungu ePhalamende."
UXulu uthe isigwebo esikhulu esinganikezwa uMalema eseminyaka engu-15 ebhadla ejele.
"Into engamsiza uMalema ukuthi uyaqala ukulahlwa icala lokuqhumisa isibhamu. Kungenzeka inkantolo igcina ithi akakhokhe inhlawulo. Kodwa isigwebo esikhulu angasithola kungaba iminyaka engu-15."
UMalema ulahlwe amacala amahlanu okungelokuphatha isibhamu ngaphandle kwemvume, elokuphatha izinhlamvu ngaphandle kwemvume, elokuqhumisa isibhamu esidlangalaleni, elokubeka impilo yabantu engcupheni nelokuhluleka ukugwema ukucekela phansi impahla.
Icala lisukela esigamekweni esenzeka eMdantsane ngo-2018, kunomgubho weminyaka emihlanu kwasungulwa i-EFF.
Emva komgubho, kwasabalala i-video ekhombisa uMalema ephethe okubukeka njengesibhamu esikhulu, ekuqhumisa. Kwabikwa ukuthi wadedela izinhlamvu eziphakathi kuka-15 no-20.
UMalema ubemangalelwe nomqaphi wakhe, uMnuz Adriaan Snyman.
Inkantolo imthole engenacala uSnyman.
Imantshi uTwanet Olivier ithe uMalema ukhombise ukuzikhukhumeza ngesikhathi kuqulwa icala.
"Ngesikhathi ebuzwa ukuthi saqhuma kangaki isibhamu wathi akakwazi ukubala, wathi esikoleni wayevelele emsebenzini wezandla kuphela."
UMalema uzonikezwa ithuba lokuba azikhalele ukuba anganikwa isigwebo esiqinile ngoJanuwari 23.
I-AfriForum, okuyiyo eyafaka icala, ithe ukube kuya ngayo, uMalema ubezonikezwa udilikajele.
Okhulumela i-AfriForum, uMnuz Jacques Broodryk, uthe bayakwamukela ukulahlwa kukaMelama ngecala, wathi sebelindele isigwebo.
"Abaholi bezepolitiki kufanele bazi ukuthi umthetho uyahlonishwa. Sizoqhubeka nokulwela ukuba bonke abantu abaphula umthetho bathathelwe izinyathelo, asikhathali noma ngabe banezikhundla ezinkulu."
UMalema uthe uzosiphonsela inselelo isinqumo senkantolo aze ayofika eNkantolo yezoMthethosisekelo nxa kunesidingo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabebezomeseka ngaphandle kwenkantolo.
UMalema uthe uzolanda ummeli odumile, u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi, ukuba azokwelekelela ecaleni lakhe.
"Sizobuya lapha ngoJanuwari, sizokuzwa isigwebo. Emva kwalokho, siyokube sesiphonselela inselelo isinqumo senkantolo. Sizoqinisa ithimba labameli bethu ngoba kusobala ukuthi inkulu impi esibhekene nayo."
UMalema uthe kushayisa amakhala ukuthi yena alahlwe ngecala bese kukhishwa phambili umuntu okuthiwa wamnika isibhamu.
"Angithi bathi umsolwa wesibili uyena owanginika isibhamu. Uma sebethi umsolwa wesibili akanacala, kusho ukuthi akanginikanga isibhamu. Lokho kusho ukuthi bekufanele liphele kanjalo icala."
Related Topics: