Izindaba

Inzukazikeyi ngesinqumo sokuqhumisa 'isibhamu' kowe-EFF

Sabelo Nsele|Published

UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, okuphinde kwahlehla icala lakhe izolo, kwathiwa lizoqhubeka namuhla

Image: Radebe/African News Agency

ISIPHENDUKE ukuphuma kwentombi emgoqweni eyokukhishwa kwesigwebo ecaleni lokuqhumisa isibhamu elibhekene nomholi we-EFF, uMnuz Julius Malema.

Inkantolo iphinde yakuhlehlisa futhi ukwethulwa kwesigwebo ecaleni elibhekene noMalema nomqaphi wakhe, uMnuz Adriaan Snyman

.Inkantolo izoqhubeka namhlanje nokwethula isinqumo njengoba imantshi ingazange iqede ukwethula isigwebo nayizolo.

Ukwethulwa kwesigwebo kuqale ngoMsombuluko, kwabe sekuhlehliselwa izolo, ngenxa yobude besinqumo semantshi.

Imantshi Twanet Olivier iqhubekile nokwethula isigwebo izolo, yabe isilihlehlisela inamhlanje icala.

UMalema noSnyman bebevele eNkantolo yeMantshi e-East London, e-Eastern Cape, lapho khona bebhekene necala lokwephula imigomo elawula ukuphathwa kwezibhamu.

Icala lisukela esigamekweni esenzeka eMdantsane, ngo-2018, ngesikhathi kunomgubho wokugubha iminyaka emihlanu kwasungulwa i-EFF. 

Emva komgubho, kwasabalala ivideo ekhombisa uMalema ephethe okubukeka njengesibhamu esikhulu, ekuqhumisa.

UMalema uyaphika ukuthi isibhamu sangempela lesi abonakala esiphethe.

Amalungu e-EFF abebhikisha ngaphandle kwenkantolo.

UNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uthe angeke bavume ukuthi kuboshwe uMalema.

"Siyabuya nakusasa (namhlanje) sizokweseka umholi wethu. Angeke bamenze lutho umholi wethu. Angazi ukuthi basabani njengoba bengafuni nje ukukhipha isinqumo."

UMalema uthembise ukuthi uzokhuluma namhlanje uma sekuphume isigwebo.

"Okwanamhlanje ngiyanibingelela nje kuphela. Ngizokhuluma kahle kusasa (namhlanje) ngoba bathe isigwebo sizophuma namhlanje. Noma ngabe icala liyangilahla, noma kuthiwani, ngizokhuluma."