Izindaba

UMatlala wasongela uMchunu ngesikhathi kuhoxiswa ithenda

Sabelo Nsele|Published

Vusimuzi 'Cat' Matlala

Image: Itumeleng English / IOL / Independent Media

KUVELA ukuthi wathukuthela wasongela uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, ngesikhathi kuhoxiswa ithenda lezigidi zamarandi ayelithole emaphoyiseni.

IKhomishini eholwa yiJaji uMbuyiseli Madlanga, izwe ukuthi uMatlala wasabisa ngokuthi uMchunu uzowukhomba umuzi onotshwala emva kokuba kuhoxiswe ithenda lika-R360 million.

Lokhu kuvele ngesikhathi ikhomishini inekelwa ingxoxo yamaselula okuthiwa yayiphakathi kukaMatlala nowachazwa uMchunu njengeqabane lakhe, uMnuz Brown Mogotsi.

Ingxoxo inekelwe ikhomishini ngesikhathi kuqhubeka ubufakazi besikhulu sezinhloli esihola ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uLieutenant General Dumisani Khumalo.

Ithenda kaMatlala yahoxiswa emva kwezinsolo zenkohlakalo.

Ingxoxo iveze ukuthi uMatlala waze wasabisa ngokufaka udaba lokuhoxiswa kwethenda enkantolo.

Okwakucasula kakhulu uMatlala ukuthi umyalelo wokuba kuhoxiswe ithenda waqhamuka kuMchunu.

UMatlala ngokwemiyalezo kaWhatsApp, ukhala ngokuhluleka kukaMogotsi ukuvimba ukuhoxiswa kwethenda.

"Sekukaningi wenza izethembiso ungazifezi. Okubi kakhulu ukuthi manje awusayiphenduli nemiyalezo engikuthumela yona. Okuhle ukuthi ngizigcinile izingxoxo zethu. Ngizozisebenzisa lezi zingxoxo uma sengifaka udaba enkantolo."

Senzo Mchunu

Image: Henk Kruger/Independent Newspapers

Ingxoxo iveze ukuthi uMogotsi ubezixebulela umkhoma lapha kuMatlala njengoba ebehlezi emcela imali.

Iningi lemali ebicelwa uMogotsi ubesuke eyifunela izinto ezimayelana nemicimbi ye-ANC.

Ngesikhathi kunomcimbi wokugubha usuku okwasungulwa ngayo i-ANC ngoJanuwari 8, uMogotsi wacela uMatlala ukuba amlekelele akhokhele amathikithi ebhanoyi nendawo yokulala eCape Town, lapho kwakuzobanjelwa khona umcimbi.

Uma ziqhubeka izingxoxo, kuvela lapho khona uMatlala ekhombisa ukuthi akasayijabuleli eyokuhlezi ecelwa imali.

Kwenye ingxoxo, uMatlala ukhala ngokuthi uMogotsi ugcina ngokucela imali kodwa akazifezi izethembiso zakhe.

"Akufanele kube uwena kuphela ohlomulayo kulobu budlelwano bethu. Ziningi izinto engihlezi ngikucela zona ungazifezi. Lezi zinto ebengizicela kuwena aziphathelene nemali. Kuningi nje engikucele khona wangangisiza ngalutho."

Ingxoxo iveze ukuthi uMogotsi ubeputshuzela uMatlala izinto ezenzeka emaphoyiseni, waba owokuqala ukwazisa uMatlala ukuthi selihlakaziwe ithimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

Ingxoxo iveza ukuthi uMogotsi ubexhumana noMchunu.

UKhumalo uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje, obunye ubufakazi uzobethula esithe.