Umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema nonogada wakhe u-Adriana Snyman
Image: Radebe/African News Agency
UZOKWAZI namhlanje umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukuthi lizomgweba yini icala lokuqhumisa isibhamu abhekene nalo.
INkantolo yeMantshi e-East London, e-Eastern Cape, izokhipha isinqumo ecaleni elibhekene noMelama nomqaphi wakhe, uMnuz Adriaan Snyman.
UMalema noSnyman babhekene necala lokuphula imigomo elawula ukuphathwa kwezibhamu.
Icala lisukela esigamekweni esenzeka eMdantsane, ngo-2018, ngesikhathi kunomgubho weminyaka emihlanu kwasungulwa i-EFF.
Emva komgubho, kwasabalala i-video ekhombisa uMalema ephethe okubukeka njengesibhamu esikhulu, ekuqhumisa.
UMalema uyaphika ukuthi isibhamu sangempela lesi abonakala esiphethe.
Imantshi uTwanet Olivier iqalile ukwethula isigwebo sayo izolo, izophothula namhlanje ukwahlulela. Amalungu e-EFF abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukwethulwa kwesigwebo.
UNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, uthe ngeke bavume ukuthi uMalema aboshwe.
"Akekho umuntu ozobopha umengameli wethu. Umengameli wethu usazoqhubeka nokusihola. Alikho icala elizophazamisa umengameli wethu. Ayikho enye indawo aya kuyona umengameli wethu emva kwecala ngaphandle kwaseWinnie Madikizela-Mandela House (emahhovisi e-EFF)."
UDlamini usole i-AfriForum nohulumeni oholwa yi-ANC ngokuzigaxa ezindabeni ze-EFF.
"Abelungu nalaba be-ANC bayazifaka nje ezindabeni zethu. Lapha sasigubha usuku lokusungulwa kwe-EFF. Sasizihlalele sodwa. Angazi ukuthi bona bangenaphi lapho."
UDlamini uthe uMalema uboshelwa amanqina enyathi.
"Sekuphele iminyaka eyisikhombisa silindile. Nanamhlanje besizitshela ukuthi kuzophuma isinqumo. Lo mama (imantshi) uzikhulumela izinto esingahlangene nazo. Ingoba vele abazi ukuthi bambopheleni umholi wethu. Abayeke ukuba amagwala, basitshele ukuthi isinqumo sithini."
UMalema usanda kulahlwa yicala lokuphimisa amagama agqugquzela inzondo.
Ngenyanga eyedlule, iNkantolo yezokuLingana yathola uMalema enecala lokugqugquzela inzondo emva kokuba enxenxe amalungu e-EFF ukuba abhekane nomlungu owabonakala eshaya ilungu le-EFF.
Ekhuluma emcimbini we-EFF owawungo-2022, eWestern Cape, uMalema wagxeka amalungu eqembu ngokungaphindiseleli ilungu leqembu elabonakala lishaywa umlungu ngesikhathi kunombhikisho.
UMalema wanxusa amalungu eqembu ukuba amfune aze amthole loyo mlungu, bese enza okufanele.
Related Topics: