uLieutenant General Dumisani Khumalo efakaza kwiKhomishini kaMadlanga
Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers
UMHOLI wethimba eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uLieutenant General Dumisani Khumalo, ukhombe ngenjumbane amaqembu emigulukudu athe yiwona ayehamba phambili emkhankasweni wokuba kuvalwe ithimba.
UKhumalo uthe amaqembu emigulukudu aphuma umkhankaso wokuba kuhlakazwe ithimba emva kokuba amalungu ethimba enyakazise isidleke sezidakamizwa eGauteng.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kwekhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga.
UKhumalo uthe amaqembu emigulukudu aba nesandla esinqumeni sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, sokuyalela ukuba kuhlakazwe ithimba.
"Amaqembu emigulukudu ayezitshela ukuthi ithimba liphenya wona, nokwenza ukuthi aqale umbhidlango wokuba kuhlakazwe ithimba."
UKhumalo ukhombe ngenjumbane iqembu lemigulukudu elakhiwe abantu abahlanu elibizwa ngeBig 5.
Kuleli qembu kukhona abantu ababili abayamaniswa noMchunu, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala noMnuz Katiso "KT" Molefe.
Abanye abayingxenye yeqembu abazange badalulwe ngenxa yokuthi kunophenyo olusaqhubeka.
UKhumalo uthe leli qembu lishushumbisa izidakamizwa, liduna izimoto eziweliswa imingcele, libambe izimoto zemali, libulala abantu liphinde libe ingxenye yenkohlakalo ethinta amathenda.
UKhumalo uthe leli qembu lisondelene kakhulu nosopolitiki kanye nabaholi bamaphoyisa.
Uthe uMatlala uxhasa imikhankaso kaMchunu yokuhola i-ANC.
UKhumalo uhambe emazwini abantu asebeke bethula ubufakazi phambilini okuthi uMchunu akanalo igunya lokuhlakaza ithimba.
UKhumalo uthe umthetho uvumela kuphela uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, u Lieutenant General Fannie Masemola, ukuba ahlakaze ithimba.
UKhumalo uthe ithimba lenza umsebenzi oncomekayo njengoba bebaningi abantu elibabophile, wathi abanye sebegwetshiwe.
UKhumalo uthe zazidla lubi izigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngaphambi kokuthi kusungulwe ithimba.
Uthe osopolitiki babehlezi lubhojozi, wathi abanye babeze beqambe amanga bethi bayasongelwa ngoba befuna ukuhlinzekwa ngabaqaphi.
Wenze isibonelo ngekhansela leDA kuMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Michael Buthelezi, elangqongqisa indlu yalo.
Kulo mlilo kwangqongqa wonke umndeni kaButhelezi.
"Ngebhadi uyena kuphela okwakwazi ukuphuma ngoba wayazi ukuthi kuzoshiswa indlu. Ziningi izinto ezenziwa amakhansela ngoba efuna ukunikwa abaqaphi."
UButhelezi wagwetshwa odilikajele abathathu kanye neminyaka engu-15.
UKhumalo uthe baqaphela ukuthi izibalo zokubulawa kwamakhansela zanyuka kakhulu emva kokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2021.
UKhumalo uthe lokhu kwadalwa wukuthi kwakunomasipala abaningi lapho kungekho iqembu elanqoba ngamalengiso.
"Lokhu kwenza manje ukuthi kungabe kusabulawa kakhulu abantu ababanga isikhundla sobukhansela. Emva kokhetho kwase kubulawa amakhansela ngenxa yombango wokuphatha omasipala. Amakhansela ayethenjiswa imali ukuze avote namaqembu athize. Uma ikhansela linqaba ukuvota neqembu elithize lalibulawa."
Related Topics: