INKOSI uSimphiwe Zuma, ibhekene namacala amathathu okubulala
Image: X
BAPHUME bedangele kuhlehliswa ukukhishwa kwesicelo sebheyili yeNkosi Simphiwe Erick Zuma, eboshelwe ukubulala ikhansela le-DA, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu.
Umndeni kaZuma nobuholi be-DA bazwakalise ukudangala inkantolo inquma ukuhlehlisa ukukhipha isinqumo ebesibhekwe ngabomvu.
UZuma usehlale izinyanga ezimbili ejele, ukulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili kwabambezeleka izikhawu ngenxa yokushenxa kwemantshi.
Bekuhlelwe ukuthi iNkantolo yeMantshi eHowick ikhiphe isinqumo izolo.
IMantshi uSandy Sindane iveze ukuthi ikuhlehlisela uLwesihlanu ukukhishwa kwesinqumo, yaxolisa ngokubambezeleka kokukhishwa kwaso.
"Abameli bakho ngibachazelile kabanzi ngezizathu ezenze ukuba kubambezeleke ukukhishwa kwesinqumo esicelweni sakho sebheyili. Kuningi okufanele ngikubheke ngaphambi kokuthi ngikhiphe isinqumo."
Undunankulu wesizwe sakwaNxamalala, uMnuz Elliot Zuma, uthe sekuyazwela esizweni njengoba inkosi ingekho.
"Kuseyiyo leyo nzukazikeyi njengoba kuthiwa asibuye ngoLwesihlanu. Sikhathazeke kakhulu isizwe ngendlela nje okwenzeka ngayo ngoba konke kumile njengoba inkosi ingekho, akwenzeki lutho. Kodwa ngeke sisole bani ngalokho, siyeke wona umthetho ukuba usebenze. Khona akukuhle impela, kukhulu ukukhathazeka."
UZuma uphinde abhekane namanye amacala amabili okubulala.
Ungaphandle ngebheyili ka-R25 000 ecaleni lokubulala owayengundunankulu wesizwe, uMnuz Qalokunye Zuma.
Uphinde abhekane necala lokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba kamasipala, uMnuz Xolani Ndlovu/Ntombela.
Akakasifaki isicelo sebheyili kuleli cala njengoba esalinde ukuzwa ukuthi uyayithola yini ibheyili ecaleni lokubulala uNdlovu.
Womabili amacala abe esehlehliselwa uLwesihlanu.
U-Elliot uthe abazi lutho ngawo wonke amacala abekwe inkosi.
"Okusihluphayo wukungazi lutho ngalolu daba. Asazi luthonathi sizifanela nani nje. Angifuni ukunikhohlisa, akukho nokukodwa esikwaziyo. Yinkosi kuphela eyaziyo. Iyona eyokhuluma, isho ukuthi nakhu ekwaziyo, nakhu engakwazi."
Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe ukungakhishwa kwesinqumo sebheyili kuzobambezela ukuqulwa kwecala.
"Thina sijahe ukuba kuqale ukuqulwa kwecala khona umndeni kaNdlovu uzothola ubulungiswa. Sekukaningi libambezeleka icala."
URodgers uthe abavumelani nokuthi icala lokubulawa kukaNdlovu lihlanganiswe namanye amacala abhekene noZuma, wathi lokhu kuzobambezela.
Khonamanjalo, uMbuso uveze ukuthi usufake isicelo sokuba kuhoxiswe ibheyili eyanikezwa uZuma ecaleni lokubulala uQalokunye.
UMbuso usola ukuthi uZuma wagwazela imantshi ngo-R200 000 ukuze anikezwe ibheyili, uphinde usole ukuthi waqamba amanga ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.
Isicelo esifakwe wuMbuso bekufanele silalelwe ngeledlule kodwa icala lahlehla ngenxa yokushenxa kwemantshi.
Isicelo soMbuso sizolalelwa ngoLwesihlanu.
Related Topics: