Izindaba

Bacikwa eyokuthi 'wehle istafu' owetekisi ebhubhise abafundi

Sabelo Nsele|Published

KUBHUBHE abafundi abahlanu itekisi ikhalakathela enkulisa e-Unit 18, eMbali, eMgungundlovu

Image: Sabelo Nsele

KUPHENYWA izinsolo zokuthi umshayeli wetekisi okubhubhe kuyo abafundi abahlanu - wehle istafu - washiya abafundi bekhala ubumayemaye ngesikhathi itekisi iyokhalakathela nabo eweni ngaphambi kokuthi ibhodloze inkulisa.

UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthe ufuna kuphenywe ukuthi kungani umshayeli wetekisi edale ingozi, e-Unit 18, eMbali, ehle imoto ihamba washiya abafundi bevaleleke ngaphakathi?

Ingozi yenzeke izolo ekuseni. Abazibonele bathe umshayeli uphume ngaphambi kokuthi imoto ikhalakathele enkulisa.

Umshayeli wemoto ugadwe amaphoyisa esibhedlela. Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Ndabezinhle Sibiya, uthe umnyango usuyalele uphiko iRoad Traffic Inspectorate ngokubambisana namaphoyisa ukuba baphenye izinsolo zokuthi umshayeli ugxume imoto ihamba.

"Uphenyo luzobheka ukuthi kuyiqiniso ngempela yini ukuthi umshayeli wehle imoto ihamba njengoba kusho omakhelwane abavuswe yizingane ebezikhala. Uma kuyiqiniso sifuna ukwazi ukuthi kungani ehle washiya izingane zivalelekile emotweni? Sifuna ukwazi ukuthi imoto ibikulungele yini ukuba semgwaqweni nanokuthi ngabe ibibhaliswe ngokusemthethweni ngaphansi kwenhlangano ethutha abafundi?"

USibiya uthe bahlela ukuthi abafundi abashonile babe nenkonzo enkulu yokubaphelezela.

"Siyakhuluma nemindeni."

Imoto ibilayishe abafundi iningi labo abasuka e-Azalea, abafunda ezikoleni eziseMbali.

Abafundi abebesetekisi bafunda eSukuma Comprehensive School, Zibekezulu Secondary, Fundokuhle Secondary, naseHenryville Primary.

Abafundi abane bashonele khona endaweni yesigameko, owesihlanu ushone ngesikhathi ephuthunyiswa esibhedlela. Abafundi abahlanu abalimele baphuthunyiswe ezibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe izothola ukwalulekwa ngokwenqondo imindeni eshonelwe.

"Umnyango udlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abathintekile. Segqemeke engeqiwa ntwala njengoba silahlekelwe abantu abasebancane ebesisabheke lukhulu kubona. Okusizwisa ubuhlungu kakhulu ukuthi lena ingozi yesibili kuleli sonto okushona kuyo abafundi."

Umshayeli kuthiwa wehlulekile ukulawula itekisi ebigcwele abafundi endaweni eyehlelayo, kuthiwa ukhale ngokuthi iphelelwe amabhuleki.

Itekisi ifike yashayisa izinsimbi eziseceleni komgwaqo endaweni eyijika, yadlulela esihlahleni ngaphambi kokuthi ikhalakathele enkulisa iSenzokuhle Pre-School.

Kube ubumayemaye ngesikhathi itekisi ishayisa ibhodloza udonga lwasenkulisa enabafundi abangu-49.

Ngesikhathi kwenzeka ingozi kuthiwa bekusafike abafundi basenkulisa abahlanu. Ngenhlanhla kuthiwa abazange balimale ojahidada ngesikhathi kubhodloka udonga okuthiwa baphume bengqasha, bebonakala ukuthi bathukile.

Ofundisa enkulisa, uNksz Luthando Msomi, uthe odade bebethuke ngale ndlela yokuthi bebengakwazi nokukhuluma.

"Izingane beziqhaqhazela, ubona ukuthi zithukile ngempela."