Umphathiswa kaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi
Image: KZN Cogta / Facebook
KUBUKEKA sengathi kuyambhedela naseqenjini aqhamuka kulo, i-IFP, uMphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
Kunamahlebezi okuthi ubuholi be-IFP ebaQulusini, bufuna ukuthi uButhelezi akhishwe esikhundleni.
Nakuba ubuholi be-IFP ebaQulusini buyichitha eyokuthi bulolela uButhelezi izembe, umthombo uveze ukuthi ubuholi beqembu khona, busanda kuvumelana ngokuthi kumele ibhantshi ligcwale umoya kuButhelezi.
Sekukaningi i-ANC KwaZulu-Natal ikhala ngoButhelezi kusukela kwathatha uhulumeni wokubambisana ophethe kulesi sifundazwe.
I-ANC ibiyaye ikhale ngokuthi uButhelezi usebenzisa isikhundla sakhe budedengu, ikhale ngokuthi uqinisa isandla komasipala abaphethwe yiyo KwaZulu-Natal.
Nokho, kungokokuqala ukuba kuvele ukungenami ngoButhelezi ngaphakathi kwi-IFP.
Ngokusho komthombo, into edalele uButhelezi amazinyo abushelelezi indlela asingathe ngayo udaba lwemibhikisho yezakhamizi zaseMondlo, ebezikhala ngesinqumo sikaMasipala wasebaQulusini, sokucisha ugesi amahora ayisishiyagalombili.
UMasipala wasebaQulusini uphethwe yi-IFP.
Emva kwemibhikisho enodlame, uButhelezi wabiza umhlangano womphakathi. Kulo mhlangano uButhelezi wayalela umkhandlu ukuba uhoxise uhlelo lokucisha ugesi.
Umthombo uthe lesi sinqumo sabacasula abaholi be-IFP ebaQulusini.
"Babona sengathi uButhelezi uvuna ababhikishi abacekela phansi impahla yomkhandlu. Babona sengathi uButhelezi udayise ngobuholi bomkhandlu. Akukwazi ukuthi ngathi ubuholi bomkhandlu bugqugquzela abantu ukuba bakhokhele ugesi, bese yena ekhombisa ukuhambisana nabantu abangafuni ukukhokhela ugesi."
Ngokusho komthombo, umhlangano okwathathwa kuwo isinqumo sokuba kuxoshwe uButhelezi wawuhanjelwe nayizimeya ezimbili zakwabanye bomasipala abasesifundeni iZululand.
Usihlalo we-IFP ebaQulusini, uMnuz Henry Sikhakhane, uthe kungamampunge ukuthi bafuna kuxoshwe uButhelezi.
USikhakhane uthe amahlebezi akhandwe ngabantu abafuna ukuqhatha i-IFP.
"Ngikuqala ngawe lokhu, ngiyakweshwama impela. Lena yindlela abafuna ukudunga ngayo i-IFP. Kunezinhlaka kwi-IFP, asikwazi ukugagamela. Akukho lapho khona abaholi asebeke basibiza khona ukuba sikhulume ngalolu daba. Asikwazi-ke ukuqhamuka sesithi akukhishwe esikhundleni umphathiswa ekubeni singazange silubike udaba ezinhlakeni ezifanele."
USikhakhane uthe imihlangano abebeyibamba bekungeyokuzama ukulungisa isimo saseMondlo.
"Uma kuwukuthi ubonile, size saba nomhlangano wawo wonke amaziko lapho sizwakalise khona ukuthi siyayiseka iMeya (yasebaQulusini, uMnuz Sifiso Khehla Mkhwanazi)."
UButhelezi unqabile ukuphawula ngalolu daba.
Related Topics: