IKHANSELA le-DA kuMasipala wesebaQulusini, uMnuz Swelakhe Shelembe
Image: Sigciniwe
I-DA ifuna uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, abophe ababhikishi abacekela phansi impahla kaMasipala wasebaQulusini ngesikhathi izakhamuzi zaseMondlo zibhikishela ukucishwa kukagesi.
I-DA ibhalele uMkhwanazi imcela ukuba athathele izinyathelo zomthetho abantu abangqongqisa impahla yomkhandlu embhikishweni owawungasekuqaleni kwenyanga.
Ababhikishi ababevutha bengabaselwa, bavuka umbhejazane emva kokuba umkhandlu uqale uhlelo lokucisha ugesi ngamahora ayisishiyagalombili ngosuku ngoba nakhu ukhala ngokuthi ugesi uyasindelwa ngenxa yokuthi abantu abaningi abawukhokheli.
Ababhikishi bashisa amahhovisi omkhandlu nempahla okubalwa kuyo nogandaganda.
USotswebhu we-DA emkhandlwini, uMnuz Swelakhe Shelembe, uthe ababhikishi badala umonakalo wezigidi zamarandi. Ukusho lokhu encwadini ayibhekise kuMkhwanazi.
UShelembe uthe kuyicala elibomvu ukucekela phansi impahla.
"Sikhathazeke ngodlame esalubona ngesikhathi kunombhikisho. Siyazi ukuthi abantu banelungelo lokubhikisha. Kodwa ke leli lungelo lihambisana nemigomo okufanele ihlonishwe. Kuyicala ukucekela phansi impahla yomphakathi futhi kuphambene nomthetho, iCriminal Matters Amendment Act (Act 18 of 2015). Umthetho ukubeka kucace ukuthi labo abalahlwa amacala okucekela phansi impahla yomphakathi kufanele banikezwe isigwebo esiqinile."
UShelembe uthe bafuna ukuthi uMkhwanazi uqale uphenyo lokuba kungani amaphoyisa aseVryheid, engasukumelanga phenzulu ngesikhathi ebikelwa ngombhikisho.
"Amaphoyisa abikelwa ababhikishi besaqoqana kodwa wona awazange asukumele phezulu. Ukuhudula kwamaphoyisa izinyawo kwaholela ekucekelekeni phansi kwempahla. Ukuba amaphoyisa asheshe asukuma ayezokwazi ukusheshe awunqande umbhikisho. Kuyasikhathaza ukuhudula izinyawo kwamaphoyisa. Le nto yenza ukuthi abantu bangawethembi amaphoyisa futhi le nto yenza ukuthi abantu baqhubeke nokucekela impahla ngoba bayazi ukuthi angeke bathathelwe izinyathelo. Ingakho sifuna kube nophenyo oluzokwenzeka esifundazweni."
UShelembe uthe bafuna ukuthi kube nethimba elizosungulwa elizobhekana nemibhikisho yalolu hlobo.
"Lokhu kuzokwenza ukuthi amaphoyisa akwazi ukusukumela phezulu uma kunemibhikisho yololu hlobo. Kuzokwenza ukuthi bathathelwe izinyathelo abantu abacekela phansi impahla."
Related Topics: