Senzo Mchunu
Image: GCIS
UNGOTI wezomthetho uthi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, akanawo amandla okuhlakaza ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Inhloko yezomthetho emaphoyiseni, uMajor General Petronella Margaretha Van Rooyen, ithe umyalelo kaMchunu wokuba kuhlakazwe ithimba uphambene nomthetho olawula ukusebenza kwamaphoyisa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kweKhomishini eholwa iJaji uMbuyiseli Madlanga.
UMajor General Van Rooyen uthe nguKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola, kuphela onamandla okuhlakaza ithimba.
"Asikho isigaba somthetho esivumela ungqongqoshe ukuba ahlakaze ithimba. Udaba lwethimba luthinta ukusebenza kwamaphoyisa, nokuyindawo ungqongqoshe angangeni kuyona."
Cyril Ramaphosa
Image: Kopano Tlape / GCIS
UMasemola waveza ukuthi uMchunu wamtshela ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, wavuma ukuba kuhlakazwe ithimba.
UMajor General Van Rooyen uthe noma ngabe uRamaphosa wavumelana nokuhlakazwa kwethimba akukushintshi ukuthi isinqumo sikaMchunu sasingekho emthethweni.
"Yonke into abayenzayo kufanele ilandele umthetho. Ukuvumelana kwabo akusho ukuthi kwakusemthethweni ukuhlakazwa kwethimba."
UMajor General Van Rooyen uthe noma ngabe uMchunu wayenawo amandla okuhlakaza ithimba, indlela enza ngayo ayilungile.
"Umyalelo wadala ukudideka okukhulu. Awukwazi ukuqhamuka usuthi ithimba alihlakazwe khona manje. Lokho kusho ukuthini ngamacala asezinkantolo? Usho ukuthi amaphoyisa awangabe esaya ezinkantolo ayophikisa izicelo zabheyili zabantu ababoshelwe amacala okubulawa kosopolitiki?"
UMajor General Van Rooyen uthe kuphambene nomthetho okwenziwa ipPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLiuetenant General Shadrack Sibiya, sokukhipha umyalelo wokuba onke amadokodo amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal alethwe ehhovisi lakhe.
"USibiya kwakungafanele aqhubeke nomyalelo ongekho emthethweni. Umthetho olawula ukusebenza kwamaphoyisa ukubeka kucace ukuthi amaphoyisa awavumelekile ukulandela imiyalelo engekho emthethweni. Umyalelo kaMchunu wawungekho emthethweni. Into uSibiya ayengayenza yena kwakungaba ukubikela uMasemola. Kwakufanele atshele uMasemola ukuthi nangu uMchunu enginikeza umyalelo ongekho emthethweni, bese kuba uMasemola onqumayo ukuthi akwenziweni."
UMajor General Van Rooyen ugxeke ikomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza koMnyango wamaPhoyisa ngokungasukumeli phezulu ngesikhathi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, eqala ukwenza izinsolo zokugxambukela kosopolitiki ekusebenzeni kwamaphoyisa ngesikhathi ikomiti linomhlangano ngoMashi.
"UMkhwanazi wakhuluma ngalezi zinsolo emhlanganweni wekomiti lasePhalamende elibhekelele ukusebenza kwamaPhoyisa owawungoMashi. Akukho okwenziwa ikomiti kwaze kwaba uMkhwanazi ubiza isithangami nabezindaba ngoJulayi, lapho enza khona izinsolo ezifanayo. Kufanele ngabe kukhona uphenyo olwaqalwa ikomiti emva kwezinsolo ezenziwa uMkhwanazi. Uphenyo kwakufanele lwenziwe noma sekudlule kwamasonto amabili. Ikomiti lehluleka ukwenza umsebenzi walo."
Related Topics: